AVUSWE ngomlilo amaphoyisa aseMpumalanga kungqongqiswa amaloli amane namuhla ekuseni kuN2 phakathi kwe-Ermelo noMkhondo.
Kuphoqeleke ukuba kuvalwe thaqa lo thela-wayeka ukuze abezimo eziphuthumayo nabezicishamlilo babhule leli langabi kuhlanjululwe nomgwaqo.
UBrigadier Selvy Mohlala okhulumela amaphoyisa eMpumalanga uthi namuhla ekuseni babikelwe abashayeli bamaloli ukuthi bavinjwe abantu abebehlomile bethi abaphume emalolini, uma bengafuni bazoshiswa nawo amaloli abo bengaphakathi.
“Mathathu amaloli ashiswe aphela kanti elesine lilimale kancane ngoba abezicishamlilo bakwazile ukubhula umlilo ungakadali umonakalo omkhulu,” kusho yena.
UBrig Mohlala uthi ayisishiyagalolunye amaloli ashisiwe kulesi sifundazwe njengoba kwashiswa amahlanu ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, namuhla kushiswe amane.
“Ayisishiyagalombili ashe angqongqa kanti elilodwa lisindile abezicishamlilo bebhula umlilo kungakadaleki umonakalo,” kuqhubeka yena.
Kuvela ukuthi kulimale umuntu oyedwa kulesi sigameko ophuthunyiswe esibhedlela. Amaphoyisa athi okwamanje akukacaci ukuthi ulimale kanjani kodwa uphenyo luyaqhubeka.
UMmusi Moeti okhulumela umnyango wezokuPhepha eMpumalanga uthi ayikacaci imbangela yokushiswa kwamaloli esifundazweni futhi abazi noma lokhu kuhambisana nezigameko ezenzeke KwaZulu-Natal naseLimpopo.
“Siyajabula ukuthi ungqongqoshe wezokuThutha kuleli uzokhipha umhlahlandlela wokubhekana nalesi simo futhi siyakholwa wukuthi abantu abasembonini yamaloli bazokwazi ukusiza amaphoyisa ngolwazi,” kusho yena.
KwaZulu-Natal uNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube uthi lokhu okwenzekayo kulimaza kakhulu umnotho wesifundazwe.
“Uhulumeni wesifundazwe ukuthathela phezulu ukubheduka kwalezi zenzo ezibonakala zingezokucikeleka phansi umsebenzi. Imboni ithi ukuvalwa kukaN3 eVan Reenen ngeSonto kwayilahlekisela ngezigidi ngoba lomgwaqo ungumgogodla wokuthuthwa kwempahla engenayo nephumayo kuleli,” kusho yena.
UNdunankulu unxuse abomthetho kanjalo nemboni ukuqinisa ezokuphepha. Unxuse abomthetho ukuba basebenzise amakhamera akhona kule migwaqo okushiswe kuyo amaloli ukuba balandele umkhondo wabasolwa.
Kulindeleke ukuthi uNkk Dube-Ncube abize isithangami sabezindaba namhlanje ukuveza izinhlelo zokuphepha esifundazweni kulandela lezi zigameko.
NgeSonto ezintatha kwashiswa amaloli ayisithupha ku-N3 eVan Reenen. Lo mgwaqo wavalwa amahora ayisithupha njengoba kwakubhulwa umlilo kuqoqwa nemfucuza.
NgoMsombuluko, kwashiswa amabili kuN2 eMpangeni. Abalelwa ku-20 asewonke amaloli angqongqisiwe eMpumalanga, KwaZulu-Natal naseLimpopo kusukela ngeSonto ekuseni. Kunemibiko engakaqinisekiswa ekhomba ukushiswa kweloli elilodwa kuR59 Route eGauteng namuhla.
Esitatimendeni esikhishwe wumnyango kangqongqoshe Sindisiwe Chikunga obhekelele ezokuThutha kuleli, lo ngqongqoshe ukugxeke kakhulu ukushiswa kwamaloli eMpumalanga naKwaZulu-Natal.
“Lezi yizenzo zobugebengu esingeke sizibekezelele. Izigebengu ezicekela phansi umnotho wakuleli kumele zijeziswe kanzima. Imigwaqo yethu yiyona ephilisa umnotho wethu ngempahla ethuthwa kuyo ngamaloli, kumele siyivikele ngaso sonke isikhathi,” kusho uChikunga.