AMAKHOMANISI (SACP) aphumele obala athi awakaze athi azosebenza neqembu uMkhonto weSizwe, eliholwa ngowayengumengameli we-ANC nezwe, uMnuz Jacob Zuma.
Lokhu kushiwo nguNobhala Jikelele we-SACP, uMnuz Sollly Mapaila, ekhuluma nabezindaba izolo, njengoba kuqale ingqungquthela eyisipesheli yale nhlangano eGoli.
UMapaila uthe ngeke basebenze ne-MK ngokunjalo ne-DA.
“Asikaze sithi sizosebenza ne-MK kanjalo ne-DA. Sathi i-ANC ingasebenza ne-EFF kodwa hhayi i-MK noma i-DA,” kusho uMapaila.
Uchithe izinkulumo zokuthi i-SACP ifuna ukuthi i-ANC isebenzisane ne-MK namanye amaqembu amancane kuhulumeni.
Usho lokhu nje, uhlale egxeka i-ANC ngokusebenzisana ne-DA kuhulumeni wokubambisana kwamaqembu.
I-ANC isebenza namaqembu angu-9, kuhulumeni wokubambisana emva kokushaya udaka okhethweni lwangoMeyi.
“Asinabo ubudlelwano ne-EFF kodwa i-ANC yayingasebenza naleli qembu, yakhe uhulumeni isebenzisane namanye amaqembu amancane. Kodwa i-ANC yakhetha ukusebenza ne-DA, okuyiqembu longxiwa,” kusho uMapaila.
Uthe abakaze baxoxe ne-MK kanjalo kabanabo futhi ubudlelwano naleli qembu.
Mayelana nodaba lokuthi ongqongqoshe bale nhlangano abajutshwe yi-ANC kuhulumeni, kumele bahoxe njengoba izongenela ukhetho ngokuzimela, uMapaila uthe abanaye ungqongqoshe ophendula kwi-SACP kodwa baphendula kwi-ANC.
“Uyedwa kuphela uNgqongqoshe okwiKhabhinethi kazwelonke, uSolwazi Blade Nzimande. I-DA inongqongqoshe abayisithupha abaphendula eqenjini labo. UNzimande uphendula kwi-ANC, hhayi kwi-SACP,” kusho yena.
Uthe akumele agxekwe uNzimande kuthiwe akashiye kwiKhabhinethi.
“Sisadlelana ne-ANC, asikabunqamuli lobu budlelwano, busaqhubeka. Kukhona abasigxekayo kuthiwe asiphume kuhulumeni,” usho kanje.
Uthe akukho ezinhlelweni zabo ukuthi bahlakaze i-ANC ngokuthi bangenele ukhetho ngokuzimela.
“Isinqumo sokungenela ukhetho sasithatha kudala, akuyona into entsha. Yinto ezobhungwa kule ngqungquthela eyisipesheli,” kuqhuba uMapaila.
UNzimande uthe ngaphansi kukahulumeni wokubambisana wenza umsebenzi wakhe ngokuthembeka.
“Siyingxenye yokuzama ukwakha izwe, sisebenzisana ne-ANC. Lokhu engikushoyo angizami izaba zokuthi ngihlale kwiKhabhinethi. I-SACP ayikaze ithi angishiye kwiKhabhinethi,” kusho uNzimande.
UNzimande uthe akamangali ukuthi i-DA ifuna ukuchitha umthetho wezikole i-Bela.
“Abelungu bafuna ukugcina izikole zabamhlophe kuphela besebenzisa ulimi. Lo mthetho kumele uqale ukusebenza ngokugcwele njengoba wasayinwa. Uma sikhona isidingo sokuthi silwe, sizolwa ngodaba oluthinta lo mthetho wezikole,” kuqhuba uNzimande.
UMapaila uthe abaholi abehlukene bamadlelandawonye okubalwa nePhini likaMengameli le-ANC nezwe, uMnuz Paul Mashatile, bazothula inkulumo kusasa kule ngqungquthela.