AMAQEMBU ezepolitiki ePhalamende asihlabe asihlikiza isinqumo sokuthi enye ingxenye yesikweletu senkampani ehlinzeka ngogesi kuleli, i-Eskom, sizokhokhwa abakhokhi bentela.
Amaqembu abephawula emuva kwenkulumo yesabelomali samaphakathi nonyaka esithulwe nguNgqongqoshe weziMali, uMnuz Enoch Godongwana, izolo eKapa. Akhale ngokuthi akazange awuthinte umnyombo wenkinga yokuthi uzokhuliswa kanjani umnotho.
UMnuz Nqabayomzi Kwankwa we-UDM ukhale ngokuthi uGodongwana akashongo lutho ngezinhlelo zokukhulisa umnotho.
Uthe akazange asho lutho mayelana nokuthathelwa izinyathelo kwalabo abasuke benze inkohlakalo.
“Iyasikhalisa indaba yokuthi ingxenye yesikweletu sikaR400 billion se-Eskom sizokhokhwa abakhokhi bentela. Lo hulumeni akanazo izinhlelo zokulungisa i-Eskom.”
Okhulumela iDA kwezezimali, uDkt Dion George, uthe akukho okusha okumenyezelwe nguGodongwana.
Uthe akukho akushilo ngomnotho ekubeni isimo sidinga ukuthi kwenziwe izinhlelo ngoba izwe liboleka imali.
“Iyasikhalisa eyokutakulwa kwezinkampani ezingaphansi kukahulumeni ngemali yabakhokhi bentela. Siyakwamukela ukululwa kwesikhathi sokuhola imali yabangatohozi ngoba umbono weDA uthi kumele bahole imali ezobaphilisa.”
UMnuz Floyd Shivambu we-EFF naye ukhwele wadilika endabeni yokutakulwa kwe-Eskom nezinye izinkampani zikahulumeni.
Uthe iningi imali ekhokhelwa izikweletu ekubeni nomnotho wezwe ungakhuli.
“I-ANC ayinazo izinhlelo zokuxazulula inkinga kagesi kuleli. Azikho nezinhlelo zokuthi kuphuculwe izindlela zokuthi izwe lingenelwe imali. Siphilela ukukhokhela izikweletu.”
Inkosi uMzamo Buthelezi emele i-IFP igxeke uGodongwana ngokufaka imali kwi-Eskom nokuthi enye imali yesikweletu kumele ikhokhwe ngabantu.
Uthe isixazululo wukuthi kususwe i-ANC emandleni ngoba ayinazo izinhlelo zokuthuthukisa izwe.
“Kumele izinkampani ezingaphansi kukahulumeni zidayiswe. Iyasikhathaza eyokulokhu kufakwa imali kuzona ekubeni zifana nento efile.”
I-NFP, AIC, PAC, Good Party neCope bakhale esifanayo ngokuthi akukho okusha okumenyezelwe nguGodongwana, bathi lesi sabelo ngesezikweletu.
UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uMnuz Mondli Gungubele, uvikele isabelo wathi ziningi izinto ezimenyezelwe kusona ezizofukula umphakathi.
Ubalule imali efakwe kwezemfundo, ezempilo nakeezenhlalakahle, nemizamo yokuthi kwandiswe amaphoyisa ukulwa nobugebengu.
NoGodongwana ekhuluma nezintatheli, uthe uma i-Eskom ingesekwa ngesikweletu kungaba mnyama ezweni.