UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi akadingi ukuxhumana namanye amaqembu akuhulumeni wokubambisana kuhulumeni, ukuze athole umbono wawo mayelana nomuntu okudingeka amqoke ekubeni yinxusa laseMelika.
URamaphosa uthe nguyena kuphela othatha izinqumo nonezwi lokugcina ngozoqokwa ekubeni yinxusa.
"Umengameli nguyena ojuba amanxusa aya kwamanye amazwe. Angidinge kuxhumana noma ukuthola umbono wamanye amaqembu, noma abantu ngokuthi ngijuba bani," kusho uRamaphosa.
Ukusho lokhu ekhuluma nabezindaba ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela yeDenosa eBirchwood Hotel, eBoksburg, izolo.
Uphawula kanje kulandela ukukhonjwa indlela kukaMnuz Ebrahim Rasool nguhulumeni waseMelika, njengoba ebeyinxusa kuleliya lizwe, ngemuva kwenkulumo ayenza ngomengameli wakuleliya lizwe, uMnuz Donald Trump, engehlanga kahle.
Wayekhuluma ngokuthi kumele ishintshe indlela okumele kukhulunywe ngayo neMelika ngenxa yokuthi ubuholi bakhona bubonakala beseka amaBhunu, akhala ngokuthi ayahlukumezeka kuleli ngemuva kokuphasiswa komthetho wokuthathwa komhlaba.
Kuningi ukuphawula nokuqagela ngokubhekwe ukuthi uRamaphosa amjube ukuvala isikhala sikaRasool, eMelika.
Kunamagama ahlukene aphakanyiswayo abantu okuthiwa angabajuba ngoba banamava kwezobuholi.
URamaphosa uthe iMelika ngelinye lamazwe amakhulu elakuleli elihwebelana nalo.
Uthe akajahile ukujuba umuntu ozovala isikhala sikaRasool.
"Njengoba uRasool esebuyele ekhaya, asikho emjahweni wokuthi sivale isikhala sakhe. Sifuna ukujuba umuntu oseqophelweni eliphezulu ukuvala isikhala sikaRasool," kusho uRamaphosa.
Udalule nokuthi bake bayixoxa kabanzi ekaTrump yokuhoxisa uxhaso lwezempilo ebelufaka isandla empini yokulwa nesandulela ngculazi kuleli.
"Kuyilungelo labo ukumisa uxhaso, ngoba imali yabo. Lokhu kuyisifundo kuthina ukuthi sivuke sizithathe, sithole ezinye izindlela zokuthi sikwazi ukuzimela. Kumele sithembele ezinsizeni zethu, hhayi kwezabanye abantu," kusho uRamaphosa.
Ukhale ngesibalo sabahlengikazi abafudukela kwamanye amazwe bashiye kuleli.
"Noma sikhala kodwa lokhu kusho ukuthi amanye amazwe ayabathemba abahlengikazi bakuleli. Siyazazi izinselelo ezibhekene nezempilo kuleli. Kumele nixoxe kule ngqungquthela ngalezi zinselelo," usho kanje.
Uveze nokuthi siyanda nesibalo sabantu bokufika kuleli, abangenawo amaphepha abagcwala ezibhedlela bezofuna usizo lwezempilo.
"Abahlengikazi bawumgogodla kwezempilo. Iqhaza labo libaluleke kakhulu. Ziningi nezinselelo ababhekana nazo nsuku zonke," usho kanje.
Uthe siyehla nesibalo sabafuna ukuba abahlengikazi, wathi akazi yini eyenza lokhu ekubeni bebaningi abantu abafuna ukungena kulo mkhakha.
Ngesikhathi ebuza ukuthi ngabe imali eyenza abahlengikazi bashiye, kuvungame indlu bavuma ngo-elethu ukuthi iyona eyenza bahambe.
"Izwe libhekene nesihlava sokungasebenzi kwabantu, ikakhulu odokotela nabahlengikazi ezifundazweni iKwaZulu-Natal, Mpumalanga, Gauteng naseLimpopo. Izibhedlela zigcwele kanti nesabelomali kasenele."
Ubale neyengqalasizinda ukuthi iyinselelo enkulu ezibhedlela zakuleli.