ANGENA elakanyana amazwi enduduzo ngokuwa komuthi omkhulu nongumsunguli we-IFP onguNdunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi.
UShenge (95), ukhothame ezintatha zangoMgqibelo.
Umholi we-Action SA uMnuz Herman Mashaba, uzwakalise ukudabuka ngokudlula emhlabeni kwalo mholi obesenesikhathi eside eyilungu lePhalamende.
Uthe unguNdunankulu kaZulu udonse isikhathi eside esiza amaKhosi amathathu, okuyiSilo uCyprian Bhekuzulu, uMdlokombane kanjalo neSilo uMisuzulu kaZwelithini.
"Wabamba iqhaza ngesikhathi senkululeko. Uke waba nangungqongqoshe wezaseKhaya. Sidlulisa amazwi endunduzo emndenini, eqenjini lakhe kanjalo nesizwe samaZulu.“
Umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen, uthe kuwe omkhulu umuthi kumholi obehlonishwa nasePhalamende.
Uthe uphumule njengoba ebebambekile.
“Sidlulisa amazwi endunduzo emndenini wakhe kanjalo naseqenjini. Ulisebenzele elakuleli.”
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Mtolo, uthe lo mholi udlule emhlabeni besanethemba lokuthi uzolulama.
Uthe uwusebenzele uZulu, wanxusa ukuthi abamabandla bakhulekele umndeni.
“UShenge ubethandwa abadala nabancane. Sesinxuse uNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube, ukuthi anxuse uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi anike lo mholi umngcwabo woMbuso ngokwesigaba sokuqala.”
Uthe bazosondela emndenini bayothola ukuthi yiluphi usizo oludingayo.
Umholi we-UDM uMnuz Bantu Holomisa, uthe bagqemeke udume ngokudlula kwalo mholi.
Uthe ungumuntu obengahlonizi ukukhuluma into ayicabangayo.
“Sidlulisa amazwi endunduzo emndenini, eqenjini lakhe kanjalo nasesizweni. Engathi angaphumula ngokuthula.”
I-EFF esifundazweni ithe udlule emhlabeni esikhathini lapho kunoMkhosi woMhlanga eNyokeni KwaNongoma.
Imncome ngeqhaza lakhe ngesikhathi kubekwa iSilo esibusayo esihlalweni.
“Imithandazo yethu isemndenini, eNdlunkulu, eqenjini lakhe kanjalo nasesizweni samaZulu. Sithi alale ngoxolo.”