ADONSWE ngendlebe wuNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, amaphoyisa angu-69 athulelwe umphakathi waseWestbury ngoLwesibili kwathiwa awenze okulindelwe kuwo, okungukuqeda ubugebengu kule ndawo.
La maphoyisa ahlukene ngokwezigaba, amanye angaphansi kophiko olulwa namaqembu emigulukudu, iTactical Respnse Team neJohannesburg Metropolitan Police.
UCele uthe amaphoyisa kulindeleke ukuthi aguduze iphaseji nephaseji, angene umuzi nomuzi efuna izibhamu nabasolwa ukuze kuqedwe ubugebengu.
Uthe ulindele ukuthi ibe yinye indlela yokusebenzisana nomphakathi, nathe ingesikhathi kuvundululwa izigebengu kuphela hhayi okunye.
Uthe uma kwenzeka kuba khona ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwawo nezigebengu, akalindele ukuthi uma kuphela leyompi, ayocosha izidumbu zamaphoyisa.
“Ngeke sikumele ukuba nomphakathi ongakwazi ukulala, umphakathi phenduka amathuna, umphakathi lapho abesifazane nezingane behlala ngokubaleka, begijinyiswa yizigebengu,” kusho uCele.
Uthe kuyamkhathaza ukuthi ngesikhathi kulindeleke ukuthi izingane zikhule zizidlalela ngokukhululeka, kodwa kule ndawo ziphila sengathi zisejele ngoba kuhlale kukhala inhlamvu.
“Kufanele umphakathi uma unibona, ubuyelwe yithemba. Siyakuqonda ukuthi kukhona ukungagculiseki okukhona emphakathini ngamaphoyisa ekule ndawo, yingakho kulethwe nina la,” kusho uCele.
Ugcizelele elithi akufanele kube khona inkinga yokuthi umphakathi ugcine ungasawathembi kahle amaphoyisa amasha.
“Yakhani ubungani nomphakathi ozonisiza ukuthi niqede ubugebengu. Anizile la ukuzoba yingxenye yobugebengu, nibe abangani nalabo abadayisa izidakamizwa nezigebengu,” kusho uCele.
Uthe abantu abaningi abafa kule ndawo, babulawa yizibhamu ezingekho emthethweni, wayalela amaphoyisa ukuthi aziqoqe zonke lezo zibhamu.