AMAQEMBU epolitiki asezwakalise ukungenami ngesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo njengoba ithole ukuthi yayingekho inkinga ngesinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokumisa emsebenzini uMvikeli woMphakathi, u-Adv Busisiwe Mkhwebane.
UNobhala weNational Freedom Party (NFP) uMnuz Caanan Mdletshe uthe lesi sinqumo bona beyiqembu asibamangazi. “ENingizimu Afrika sekunamacala athi eqala nje kodwa ube wazi ukuthi isinqumo ekugcineni sizoma kanjani. Kodwa-ke ngingasho nje ukuthi lokhu akukuhle uma sikhuluma ngentando yeningi.
Umholi we-UDM uJenene Bantu Holomisa uthe akumthusi ukuphuma phambili kukaCyril Ramaphosa. “Noma ngabe kade luzwakala uhlangothi luka-(Adv) Mkhwebane kodwa ubengeke aphumelele ngoba neNkantolo eNkulu yaseWestern Cape eyamkhipha phambili, uRamaphosa neDA bayiphosela inselelo,” kusho uHolomisa.
Uthe kuningi lapho le nkantolo ikhipha izinqumo eziphikisana noMkhwebane ngakho bebengeke manje bamkhiphe phambili ngoba bekuzobe kuchaza ukuthi bayaziphikisa.
Umholi we-Action SA, uMnuz Herman Mashaba uthe yena akasenalo ithemba ezinhlakeni zezobulungiswa eNingizimu Afrika, ezifana namaphoyisa kanjalo nophiko lwezokushushisa.
“Ngingakubeka kucace ukuthi ngiyakholelwa engalweni yomthetho, isinqumo samajaji ngisihlonipha kakhulu,”kusho uMashaba ngamafuphi.
UNobhala we-ANC uFikile Mbalula ungene ezinkundleni zokuxhumana ethokozela lesi sinqumo. Kanti uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa usamukelile isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo.