UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, uthi amakhosi aneqhaza elibalulekile ekuqedeni isihlava esibi sodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
NgoLwesihlanu, uNkk Khoza, ube nomhlangano oyisipesheli namakhosi akuMasipala uMdoni, eNingizimu yeKwaZulu-Natal.
Kulo mhlangano obekukhona kuwo nomphakathi, uNkk Khoza, uthe kubalulekile ukuthi amakhosi asebenzisane nezinhlaka ezihlukene ukuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Uveze ukuthi emakhaya baningi kakhulu abesifazane abangabiki uma beshaywa noma behlukunyezwa ngezindlela ezihlukene.
“Ukuthula kwabantu uma behlukunyeziwe emakhaya kusiphethe kabi. Amakhosi aneqhaza elibalulekile ekuqedeni udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
“Kubalulekile ukuthi asebenzisane nezinhlaka ezihlukene ukuqwashisa abesifazane nezizwe zawo ngesihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. Abuye abahlomise ngamakhono azobenza ukuthi bangesabi ukubika uma bezithola bekule nkinga,” kuchaza uNkk Khoza.
Uthe akekho umuntu okufanele asonge izandla ngenkinga yodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane futhi uzowalekelela amakhosi ukuthi asize abantu basemakhaya.
Ubalule ukuthi kunezinhlelo zokuqeqesha amakhosi nemikhandlu yawo ukuze iqonde kabanzi ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nokuthi kufanele baphathwe kanjani abangabagilwa.
Uthe kuzoba nezinkundla zokufundisa umphakathi ngalolu dlame besebenzisana namakhosi ukuze kube nezindawo eziphephile ezizosiza abayizisulu.
Kuzoqiniswa ubudlelwano nezinhlaka zomthetho ukuze zisheshe zifike uma kukhona abangabagilwa nokuthi ziwaphenyisise amacala ukuze izigilamkhuba zijeziswe wumthetho.
Inkosi uMthoko Cele, ithe amakhosi ayazibophezela ukugcina izizwe zawo ziphephile futhi iyajabula ukuthi uhulumeni uzimisele ukusebenza nawo ukulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
UCele ukugxekile ukuthula komphakathi uma kuhlukunyezwa abesifazane nezingane.
Wagqugquzela wonke umuntu ukuthi abike abagila lo mkhuba ukuze bajeziswe wumthetho.