USIHLALO weNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, inkosi uSifiso Shinga, ucele iPhini likaMengameli uMnuz David Mabuza, ukuba lisize kusheshiswe indaba yamaholo amakhosi, izinduna nomabhalane.
Inkosi uShinga ibikhuluma izolo ngesikhathi uMabuza enomhlangano namakhosi eMayville, eThekwini. Ngaphambi komhlangano uMabuza uqale wayokotha iSilo uMisuzulu kaZwelithini, esigodlweni KwaKhangelamankengane, KwaNongoma.
Sekunesikhathi ludingidwa udaba lwemiholo yezinduna kanti zikhala ngokuthi ziyafa yindlala ekubeni zisebenzela isizwe. UShinga uthe kunemali engakakhokhwa eqondene nezinduna nomabhalane. Uthe okomabhalane kushayisa amahloni kakhulu.
“Siyacela isheshiswe indaba yemali yezinduna esasele engakakhokhwa. Omabhalane kufanele babhekelelwe nabo ngoba yizingane zabantu ezisebenza kanzima. Njengoba silapha nje thina sishiye zona zenza umsebenzi kodwa azitholi lutho. Kuyadabukisa,’’ kubalisa inkosi uShinga.
Ngesikhathi uShinga ekhuluma, amakhosi abehlokoma eshaya ihlombe ejabulela ukuthi ubeka izikhalo zawo. Olunye udaba olubekwe ezithebeni nguShinga, ngelokubulawa kwamakhosi nezinduna. Udaba lumise kabi isifundazwe ngoba kunenqwaba yamakhosI nezinduna ebulewe.
Inkosi ithe sebehlalele ovalweni ngoba abazi ukuthi ngubani ozolandela.
“Ziwu-30 izinduna ezibulewe bese kuba namakhosi ayisishiyagalolunye abulewe, kukhona ibambabukhosi elathunjwa namanje alikaze litholakale. Emuva kokuthunjwa kwalo kwabulawa amalungu omndeni walo ibamba. Bahlonishwa lusimise kabi lolu daba siyacela kube khona okwenziwayo,’’ kusho inkosi uShinga.
Inkosi icele ukuthi kuphele ukukhuluma nezethembiso okungathi shu.
Ngaphambi kwalokho uMabuza unikwe ithuba wabingelela. Uthe beze ngazo impela izinkinga zamakhosi bazowalalela bese bezama ukuthola izisombululo. Uthe sekunesikhathi eside amakhosi ekhala yingakho umengameli ebumbe ithimba elizobhekana nezikhalo zawo eliholwa wuyena uMabuza.
Kuvulwe ithuba lokuthi amakhosi azikhulumele wona abeke izikhalo zawo, kulapho uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, akhiphe khona abezindaba phandle.