ZISHAQEKILE izingwazi zamaciko aluleli ngokuthola emthonjeni wezindaba ukuthi zishaywe ngesithende ohlwini lwabaholi abawu-100 abazomela i-Economic Freedom Fighters (EFF).
Emuva kokuba iphephandaba langeSonto, iSunday World, lidalule ukuthi inkakha yomculo we-kwaito, u-Eugene Mthethwa, umculi we-Afro soul, uRingo Madlingozi nomlingisi uFana Mokoena, sebezokubukela kwithelevishini okwenzeka ePhalamendene likazwelonke, Isolezwe libe selixhumana nawo.
"Kungaba kubi uma kuliqiniso ukuthi singathola izindaba ezinjalo emithonjeni yezindaba okuyinto ebiyenzeka kozakwethu abasemisakazweni nakwithelevishini nasemafilimini. Bebebona emaphephandabeni angeSonto ukuthi izivumelwano abanazo, ngeke zivuselelwe," kuphawula u-Eugene ongene ePhalamende ngethikithi le-EFF nyakenye, emuva kokulaxaza i-ANC.
Nakuba kunjalo, u-Eugene uthe noma amahlebezi engaba yiqiniso kodwa ngeke kudikize ngisho inqulu ngoba akajoyinanga umzabalazo ngoba elandela ibhodwe eliconsayo.
Uthe kodwa wajoyina i-EFF ngenxa yokuzwakala kwezwi layo ekukhathalaleni umkhakha wezobuciko, okuyinto ebonakele nakusomqulu wayo obuqinisekisa ukuthi izolwela izikhalazo zamaciko akuleli.
URingo, owangena ePhalamende emuva kokhetho lukazwelonke ngo-2019, uthe yena uqala ukuzwa ngeSolezwe ukuthi ushiywe ngaphandle ohlwini.
"Hhayi mntasekhaya, ngiqala ukuyizwa ngawe le ndaba. Sengiyokuzwa kahle uma sekufika incwadi eshoyo, ebuya komkhulu," kushaya ngezinqamulelayo uRingo wodumo lwengoma ethi Ndiyagodola nethi Sondela.
NoFana, owayenguDkt Sithole kwiGenerations, uthe akaqondi nqindi nasibhakela ngendaba yohlu lwe-EFF.
“Ngiqala nje ukuzwa ngawe ngokwenzeka khona,” kusho uFana owaqala ukuba sePhalamende kusukela ngo-2014.
Libuzwa yiSolezwe ngalolu daba, iPhini likaMengameli we-EFF, uMnuz Floyd Shivambu, livele lathi wumbhedo wodwa obhalwe ngala maciko.
"Uhlu luzoshicilelwa ngabe-IEC. Singalibeka ngembaba elokuthi wumbhedo wokuqala nowokugcina obhalwe yiphephandaba (Sunday World), ebesesicabanga ukuthi selibuyelwa yisithunzi," kusho uShivambu.
Eqhuba uthe uhlu aludingidwa ngaphandle kwezinhlaka zeqembu.
"Uhlelo lwangaphakathi oluzidalulwelwa umphakathi ngokuhamba kwesikhathi," kuphetha uShivambu. Abanye osaziwayo abangamalungu aleli qembu elahlubuka kwi-ANC ngoLinda Sibiya, Ntando Duma nabanye.