LITHI alikhumbuli lutho ngesigameko iphoyisa likaMasipala weTheku elisolwa ngecala lokubulala intombi yalo, eyayiyiphoyisa kuwona lo mkhandlu.
UConstable Sizwe Ngema (27) ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo. Usolwa ngokubhokoda ngommese uConstable Bianca Khuzwayo (23) waze washona ngoMashi 31.
Indaba yokukhohlwa kukaNgema ivele embikweni kaDkt Jabulani Mthethwa omhlole ingqondo ngoMsombuluko ntambama.
Ngokombiko kaMthethwa onguchwepheshe ekucubunguleni indlela yokuziphatha kwabantu, uNgema kufanele aye esibhedlela sabangaphilile kahle ekhanda iFort Napier, eMgungundlovu.
UMthethwa embikweni wakhe, uthe kulesi sibhedlela uNgema uzofike ahlolisiswe isimo sengqondo.
“Emva kokumbheka ngithole ukuthi uyakhohlwa akakhumbuli lutho ngesigameko aboshelwe sona,” kusho umbiko kaMthethwa.
Ekhasini lesibili, lapho echaza ngezimo ezehlukene zikaNgema, uMthethwa uthe uthole ukuthi uphatheke kabi futhi udangele.
Ubuye aveze ukuthi ubukeka edidekile.
UMshushisi woMbuso uMnuz Calvin Govender ethula umphumela wombiko kaMthethwa, uthe uphakamisa ukuthi icala lihlehliswe ukuze kuqale uhlelo lokuyiswa kukaNgema esibhedlela.
Ummeli kaNgema, u-Advocate Ravi Reddy, uthe bayakwamukela okushiwo umbiko kadokotela.
Uthe njengoba kubuye umbiko othi uNgema kufanele ayiswe esibhedlela sabangaphilile kahle ekhanda, ngeke baqhubeke nokucela ibheyili okwamanje.
Uveze nokuthi inkulumo yakhe ibuye ishayisane.
IMantshi, uMnuz Scelo Zuma, ithe ilihlehlisela uJuni 7 icala ukuze luqhubeke ngaphandle kwezihibe uhlelo lwasesibhedlela.
Umndeni kaConst Khuzwayo obukhona enkantolo nayizolo, uzwakale unengeka ngokutholwe udokotela. Ngesikhathi uGovender echaza kafishane okuqukethwe umbiko, kukhona abavele banxapha.
Phambilini, lo mndeni ubulokhu usho ukuthi ngokwawo awuqondi ukuthi kungani uNgema engavele avume icala, agwetshwe.
Ubukusho lokhu ngenxa ye-video eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana ekhombisa uConst Khuzwayo emzuzwini wakhe wokugcina, ephuma igazi ngamakhala nangomlomo.
Le video kuthiwa yafakwa wuNgema ezinkundleni zokuxhumana, waphinde wayithumela kwabasondelene nomufi, ebatshela ukuthi usembulele.