ALAXAZE isicelo sebheyili amaphoyisa aboshelwe icala lokubulawa kwekhansela le-ANC, uMnqobi Victor Molife.
Amaphoyisa asesiteshini saseMkhomazi, uMnuz Mayendran Chetty noMnuz Thanduxolo Vincent Phelago, bavele eNkantolo yeMantshi eMargate ngoLwesihlanu.
Laba babhekene necala lokubulala uMolife noMnuz Zitha Mqapheleni Cele.
Bekulindeleke ukuthi bafake izicelo zebheyili njengoba ngokwedlule icala lahlehla ukuze bathole abameli.
NgoLwesihlanu bafike batshela inkantolo ukuthi angeke bazifake izicelo zebheyili.
Bavela enkantolo ngoLwesihlanu nje ngoLwesithathu bebekade bevele eNkantolo yeMantshi eScottburgh lapho bebebhekene namanye amacala amabili okubulala abantu ababesondelene noMolife.
Kule nkantolo bebebhekene namacala okubulala uCyril Nzimande noYelo Sydney Buthelezi, ababulawe ngo-Agasti kulo nyaka.
Leli cala lahlehlela uNovemba 25 lapho kulindelwe khona ukuthi bafake izicelo zebheyili.
Phezu kwamacala amane okubulala, la maphoyisa aphinde abhekane namacala okutholakala nesibhamu kanye nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
UMolife, owayeyikhansela kuWard 99 kuMasipala waseThekwini, udutshulwe wabulawa ngoSepthemba kulo nyaka.
Wahlaselwa abalisa abangaziwa ehlezi nomndeni wakhe.
Kwasolwa umbango mayelana nethenda yokufakwa kwamanzi endaweni ngokubulawa kwakhe.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uncome amaphoyisa ngokubopha abasolwa ngokubulala uMolife.
"Siyi-ANC KwaZulu-Natal sisishayela ihlombe isenzo samaphoyisa sokubopha abasolwa. Siyathemba ukuthi amaphoyisa azokwazi ukuqoqa ubufakazi obanele ukuze kuzojeziswa izigilamkhuba. Njengoba ukubulawa kosopolitiki namakhosi sekuyinsakavukela KwaZulu-Natal, kwenza ukuthi sisolane sodwa uma kukhona osocongiwe. Siyajabula uma kuboshwa izinswelaboya eziqhuba lo mkhuba."
UMndebele uthe kubashaqisile ukuthi ngamaphoyisa aboshelwe lolu hlobo lobugebengu kodwa wathi akusiwo wonke amaphoyisa akhohlakele.
"Kuyichilo ukuthi amaphoyisa agcine ebandakanyeka ezintweni ezikanje. Kodwa-ke iqiniso ukuthi siwumphakathi asiyi nganxanye njengamanzi. Ikhona inhlansi yethemba njengoba sekuboshwe le migulukudu. Besihlezi sizwa imiphakathi ikhala ngokuthi amaphoyisa yiwona avikela izigebengu. Ukuboshwa kwale migulukudu kukhombisa ukuthi akhona amaphoyisa alungile. Sinxusa amaphoyisa ukuthi asheshise uphenyo khona kuzokwenzeka ubulungiswa."
Khonamanjalo, kuzobanjwa ukhetho lokuchibiyela ngenyanga ezayo kuWard 99 eThekwini, lapho kuzovalwa khona isikhala esavuleka ngokubulawa kukaMolife.
Amaqembu ezepolitiki aseqalile ukukhankasela lolu khetho.