AKUWONA amancoko e-April’s fool ukunyuka kwamanani eDStv njengoba abantu bebecabanga ukuthi kuyadlalwa.
Umphathi omkhulu weMultichoice uMarc Jury uthi izinguquko ezenziwe ngamanani amasha eDStv afanelekile uma kubukwa ukwehla kwamandla eRandi liqhathaniswa neDollar laseMelika.
UJury usho lokhu ngenxa yezikhalo zabantu abaningi abasola le nkampani ngokuzisikela kwelinonile.
Nazi izinguquko ezenziwe nezizoqala ngomhla ka 1 Mashi kuwo lo nyaka.
IDStv Access: inyuke ngo-7.8%, isuka kuR129 iya kuR139
IDStv Compact Plus: inyuke ngo-6.9%, isuka kuR579 iya kuR619
IDStv Premium: inyuke ngo-5.7%, isuka kuR879 iya kuR929
IDStv Compact: inyuke ngo-4.5%, isuka kuR449 iya kuR469
IDStv Family: inyuke ngo-3.1%, isuka ku R319 iya kuR329
Azikho izinguquko ezenziwe kwiDStv EasyView: ibiza uR29
IDStv Access iyona ebonakale ikhuphuka kakhulu, kodwa ukhona umthobanhliziyo njengoba kwengezwe ezinye iziteshi zezemidlalo i-ESPN, La Liga, SuperSport Variety 4, ne-SuperSport Blitz