NJENGOBA kusongwa ukubhalwa kwezivivinyo zika-matric kuleli sonto, uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, uqinisekise abantu bakuleli ukuthi akukho phepha elike laputshuka ngesikhathi kubhalwa.
UNkk Motshekga uthe kungamampunge ukuthi kunamaphepha aputshukile ngesikhathi kubhalwa.
Uthe yonke into ihambe kahle.
Usho lokhu nje kuleli sonto zimbalwa izifundo ezibhalwayo, okuyi-Agricultural Technology, Music, Dance Studies. Kuzophinde kunikwe ithuba abafundi abaphazamiseka ngesikhathi bebhala iKhompyutha ne-Information Technology.
Iningi labafundi liphothule izivivinyo zika-matric ngeledlule.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi akuzange kuputshuke phepha ngesikhathi kubhalwa. Kube khona izehlakalo ezimbalwa zabebebanjwa nembuzi yokukopela, bebanjwa namaselula, abanye bebezama ukubhalela abanye. Izivivinyo zihambe kahle.”
UDkt Rufus Poliah obhekele izivivinyo emnyangweni, ugcizelele emazwini kaNkk Motshekga, ukuthi akuzange kuputshuke phepha.
Uthe labo ababanjwe bekopela kanjalo nezinto ezingafanele bazobhekana nekomiti lesifundazwe.
“Kuzothi uma selinqumile, baye kobhekana nekomiti likazwelonke elisuke lihlanganisa nesazi somthetho. Isinqumo sokugcina ngokuzokwenzeka kulabo abasuke bebanjwe bekopela, sizokhishwa nguNgqongqoshe.”
Uthe kujwayelekile ukuthi uma kubhalwa kubanjwe abasuke bekopela, nabazama ukubhalela abanye.
“Yinto esiyigxeka kakhulu le ngoba ibukela phansi izivivinyo zethu. Ababanjwa benza lokhu babhekana nezigwebo ezinzima,” kusho uPoliah.
UNkk Motshekga unxuse abazali ukuthi baqaphe ngelokhozi izingane zabo ukuthi zingayi emijuxuzweni yokuqeda ukubhala, ama-pens down.
“Nginxusa labo abazozijabulisa ukuthi bazibheke. Iyasikhathaza eyabafundi abaya kulawa maphathi, bafike badlonye utshwala, abanye baze bangene enkingeni.
Noma kuthiwa usuna-18 kodwa kudingeka uziphathe ngendlela efanele. Sinxusa nabadayisa utshwala ukuthi bangadayiseli izingane ezincane.”
Unxuse labo abagxeka umthethosivivinywa wezikole, i-BELA bill, ukuthi bayifunde bangathembeli kulokhu abakuzwa ezinkundleni zokuxhumana.
Usho lokhu nje kunokuvungama ngalo mthethosivivinywa ophasiswe yiPhalamende, kumanje usezithebeni zoMkhandlu weziFundazwe.
Abanye bakhala ngokuthi ngalo mthetho kuhloswe ukuphuca amandla izigungu zabazali ezintweni ezithinta ulimi, okumele lufundwe ezikoleni, nokunquma uma isikole sesigcwele nezinye izinto.
Uthe uMkhandlu weziFundazwe usazofuna ukuphawula komphakathi ngalo mthethosivivinywa.