UMengameli Cyril Ramaphosa uthi ukwehluleka kwe-ANC ukunqoba ukhetho ngamalengiso akusho ukuphela kwale nhlangano ebisiphathe ngokuzimela iminyaka engu-30.
URamaphosa uthe ukungenzi kahle okhethweni lwangoMeyi kuzobagqugquzela ukuthi babuye ngamandla okhethweni olulandelayo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yokuvula umhlangano wesigungu esiphezulu, i-lekgotla, eqale ngeSonto.
I-lekgotla ibanjwe emva komhlangano wezinsuku ezintathu wesigungu esiphezulu obubhunga ngemiphumela yokhetho.
Bekungokokuqala emlandweni i-ANC yehluleka ukunqoba ukhetho ngamalengiso ngesikhathi kunokhetho olwedlule.
I-ANC yaphinde yahluleka ukunqoba ngamalengiso ezifundazweni ezintathu ebiziphethe, iKwaZulu-Natal, Gauteng neNorthern Cape.
Kukhona abasabela ukuthi i-ANC ngeke iphinde ibuyele emandleni kulezi zifundazwe ngoba iyehluleka ukubuya ngamandla ezinkethweni.
Le nhlangano isihluleke yancama ukubuyisa isifundazwe esayiphunyuka ngo-2009, iWestern Cape, kanye nokubuyisa omasipala abakhulu abayiphunyuka okhethweni lwango-2016 okukhona kubo iJohannesburg neTshwane.
Kodwa uRamaphosa uthe imiphumela yokhetho angeke ibadikibalise, wathi bazolwela ukwenza kangcono ezinkethweni ezilandelayo.
“Sizithola sisesimweni esinzima. Asikaze sibhekane nesimo esinjena emlandweni wethu weminyaka engu-112. Nokho ke ukuhlulwa kwethu okhethweni akusho ukuthi sekuphelile ngathi.
“Siyinhlangano ekade yayinethwa yizimvula. Sakwazi ukudlula kuzo zonke lezi ziphepho esesike sabhekana nazo phambilini. Nakulokhu sizokwazi ukudlula kukho. Kufanele siqhamuke namaqhinga esizowasebenzisa ukuze sikwazi ukubuya ngamandla.”
URamaphosa uthe asikho isikhathi sokuthi abaholi be-ANC belokhu bebalisa ngemiphumela yokhetho, wathi abavuke bazithathe.
Unxuse abaholi ukuthi bagxile ekulungiseni izinkinga ezidale ukuthi abantu bangayivoteli ngobuningi i-ANC.
Uthe bazongenelela komasipala abakhulu abakhungethwe yizinkinga njengoba bekholelwa ekutheni ukwehluleka kwalabo masipala abakhulu ukuhambisa izidingo yikho okwenze ukuthi abantu bangayivoteli i-ANC.
Uthe kuzokuba nezinguquko ebuholini bale mikhandlu.
URamaphosa uthe bazoqhamuka nezinhlelo zokusombulula izinkinga ezibhekene nentsha.
“Kucacile okhethweni ukuthi intsha ayijabule neze. Kufanele siqhamuke nezinhlelo zokufukula intsha.”
URamaphosa uthe bazothathelwa izinyathelo abaholi be-ANC abahluleka ukwenza umsebenzi.
“Siphelile isikhathi sokudlala manje, ngeke sibabekezelele abantu abahlulwa umsebenzi.”
Imiphumela yokhetho yashiya i-ANC iphoqelekile ukuthi isebenzisane namanye amaqembu okukhona kuwo iDA neFF Plus, okungamaqembu anemigomo ephikisana neye-ANC.
Lokhu sekwenze ukuthi kube bamadlelandawonye e-ANC agxeka ukusebenzisana kwayo nala maqembu.
URamaphosa uvumile ukuthi bazithola bengaphansi kwesimo esinzima njengoba kufanele basebenzisane namaqembu aphikisana nemigomo yabo.
Kepha uthe akukho okunye okungcono abebengakwenza ngaphandle kokusungula uhulumeni wokubambisana.
Uthe wonke amalungu esigungu esiphezulu avumelana ngokuthi kwakufanele i-ANC isungule uhulumeni wokubambisana.