IJAJI alimzwelanga ngisho esekhala mi izinyembezi, ecela ukuthanjiselwa isigwebo, owesilisa owabulala abantu eMlaza ogixabezwe ngodilikajele abathathu neminyaka engu-85 ngaphezulu
IJaji Bruce Bedderson leNkantolo eNkulu yaseThekwini ligwebe uBongumusa Sphesihle Radebe (25) wakwa-B eMlaza.
URadebe ubekade ethweswe amacala angu-13, kuwona kwahoxiswa amabili okungelokuzama ukubulala nokuphanga kuhlonyiwe kushoda ofakazi okuthiwa abezanga enkantolo ukuzofakaza.
Yize kunjalo umshushisi, u-Advocate Bongumusa Mbokazi, ukwazile ukwethula ubufakazi obuholele ekutheni uBedderson alahle uRadebe ngamacala angu-11, okungamathathu okubulala agwetshwe kuwona udilikajele lilinye, awokuphanga kuhlonyiwe amabili wagwetshwa iminyaka engu-15 lilinye.
Ugixabezwe ngeminyaka engu-15 icala ngalinye kwamathathu okuzama ukubulala, izinyanga ezingu-12 ngokutholakala nemoto eyebiwe neminyaka engu-10 ngokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
UBedderson uphuce uRadebe ilungelo lokuphinde aphathe isibhamu empilweni yakhe.
Ngaphambi kokuthi ijaji ligwebe uRadebe, ummeli wakhe umcelele ukuthi agibele ebhokisini lofakazi azinxusele ukuba athanjiselwe isigwebo agcine esitholile.
URadebe ukhihle isililo, wacela uxolo emindenini yabagilwa ebisenkantolo wathi sekusemahlombe ayo ukuthi iqede noma iqhubezele phambili okwenzeka ngoba yena akasenawo amandla useboshiwe.
Le ndoda ithe ayizalwanga ingumbulali futhi yayingathunywe muntu kodwa okwayehlela idutshulwa ize ibuya emashidini amhlophe esibhedlela eMshiyeni, eMlaza, kwayishiya ilimele emzimbeni nasemphefumulweni.
Ivumile ukuthi yayidayisa izidakamizwa nokuthi ababulawa babekhula ndawonye futhi bengabangani kodwa baqembukelana bagcina bedubulana.
Esegwetshiwe uRadebe, eseshona phansi ezitokisini, uklunyuluze ngeso izihlobo zabagilwa waphakamisa izandla wamisa o-7 wathi: “Umphefumulo usahlangene nenyama, umqondo usasebenza.”
Ababulawa ngokudutshulwa ngoLoyiso Shabalala ngoDisemba 2020, Sthembiso Njapha ngoMeyi 2021 noMthobisi Shibase ngoJuni 2023. Le ndoda ize yaboshwa ngoFebhuwari nyakenye.
Emaphepheni asenkantolo unina kaShabalala, uNksz Tholakele Shabalala, uthe uRadebe wabulala indodana yakhe sekusele izinsuku ezintathu kube uKhisimusi, wayiphanga iselula yayo.
Kuthiwa uRadebe wabe esephanyeka ezinkundleni zokuxhumana isithombe sikamufi.
“Wasifonela wasitshela ukuthi yisipho sikaKhisimusi asisijabulele (esho ukubulala umufi). Waphinde wasabisa ngokuthi usezoqotha wonke umndeni, sagcina sibalekela komakhelwane sayocasha khona,” kusho uNksz Shabalala.
URadebe uthe akabazi bakuziphi izinkalo abangani bakhe ababili okuthiwa wayegila nabo le migilingwane.