KULINDELEKE ukuthi iphinde inyuke imalimboleko ngoLwesine, umhlahlandlela wokuthi ingahle yenyuke kangakanani, uzovela namuhla emva komhlangano wekomiti elibhekele ezezimali kwibhangengodla lakuleli.
Isazi sezomnotho, uSolwazi Bonke Dumisa, njengoba kulindeleke ukuthi kumenyezelwe ukwenyuswa kwemalimboleko uthe nakanjani izonyuka imalimboleko kusasa, wahlawumbisela ekutheni inganyuswa phakathi kuka-25 no-50 basis points.
USolwazi Dumisa uthe izinxushunxushu eziqhubekayo phakathi kweRussia ne-Ukraine yizo ezinomthethela ekuntengantengeni komnotho emhlabeni wonkana, okwenza uhulumeni wakuleli aphoqeleke ukuthi enyuse imalimboleko.
“Yena uhulumeni wethu kuningi angakuhambisi kahle kodwa kule yokuntengantenga komnotho nokunyuswa kwemalimboleko, yinto engaphezu kwamandla kahulumeni ngoba yinto ebhekene nomhlaba wonke,” kusho uSolwazi Dumisa.
Uthe nakuba isimo sisibi eNingizimu Afrika kodwa singcono uma siqhathaniswa nesamanye amazwe okukhona kuwo ngisho nawaphesheya kwezilwandle.
Uthe uma umhlaba ubhekene nenkinga yokuntengantenga komnotho, ayikho enye indlela uhulumeni okusuke kufanele abhalansise ngayo isimo ngaphandle kokuthi enyuse imalimboleko, yingakho nohulumeni wakuleli enza njalo.
Njengamanje imalimboleko ihleli ku-7.75% kanti i-prime lending rate yona iku-11.25%.
Uthe into akholwa ukuthi izokwenza ukuthi inganyuki kakhulu imalimboleko ukuthi elakuleli libe nokwehla okuncane kukaphethroli nodizili okubonakale ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
“Lokho kungaba nomthelela omuhle ekutheni izinamba ezizovela kusasa (esho namuhla) emva kwalomhlangano wekomiti, zingabi zimbi kangako,” kusho yena.
Ugcizelele ekutheni imalimboleko izolokhu ibonakala yenyuka kuze kube unyaka ozayo.
Uthe njengenjwayelo, lokhu ngeke kube yizindaba ezinhle kulabo abasakhokhela imali abayiboleke emabhange, izimoto nemizi.
“Okunzima wukuthi abanye sebeyadlelwa izimoto. Ukwenza isibonelo umuntu owathenga imoto ngo-Okthoba 2021, imalimboleko isahleli ku-3%, njengamanje uthwele kanzima njengoba isihleli ku-7.5%, okuyinani eseliphindaphindeke kabili uma uliqhathanisa nelangaleso sikhathi.
“Abakhokhela izindlu kanjalo nemali abayiboleke ebhange nabo bakhala esifanayo. Isimo sibi, kakhulu” kusho uDumisa.
Uthe okungasiza ukuthi abantu baqhubeke nokuzifundisa ukuzibamba ziqine uma kuziwa ngasekusetshenzisweni kwemali.
“Kumele abantu bathi ukushintsha indlela yokuphila ebebeyijwayele. Uma ungumuntu othanda izimpahla ezibizayo, sekuyisikhathi sokuthi ushintshe ukwenza, uthenge ezibiza kangcono,” kusho uDumisa, othe abantu bangamangala ukuthi umehluko omncanyana ovela lapho ungaba nomthelela omuhle kangakanani ezimalini zabo.