UPHATHEKE kabi exoshwa yiDemocratic Alliance (DA) owaqopha ivideo elumelayo, eyayicwasa abohlanga eminyakeni engu-15 eyedlule.
NgoLwesihlanu iDA ikhombe indlela uMnuz Renaldo Gouws ngokuphula imigomo yale nhlangano.
Ukuxoshwa kwakhe kusho ukuthi ngeke esaba yiLungu lePhalamende leDA.
“Kungiphule inhliziyo ukuxoshelwa into eyenzeka eminyakeni eminingi kangaka eyedlule kwaba sengathi yenzeke ngonyaka ophelile. Leli qembu lihlulekile ukubhekisisa engangikudlulisa ngenkulumo yami,” kusho uGouws.
Kule video uGouws wayeveva intukuthelo ethuka inhlamba ephimisa negama eliqala ngo-K.
Wayephawula ngengoma yomzabalazo eyasusa umsindo ngaleso sikhathi eyayithi Dubul’ iBhunu.
Emuva kwezikhalo ezazivela emphakathini, i-DA yamisa uGouws yase iqala uphenyo oluphethe ngokuthi axoshwe.
I-DA ithi kayisilona iqembu elicwasayo futhi ihlonipha wonke umuntu waseNingizimu Afrika akukhathaleke ibala lakhe.