AKAZWALANGA izolo emsakazweni Ukhozi FM, uZimiphi Biyela odume ngelikaZimdollar.
UZimdollar owethula uhlelo lwasemini i-12 to 3 phakathi nezinsuku, obe ngundabuzekwayo ngeSonto ngesikhathi uNgqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke uBheki Cele, ekhwela edilika kuye emgcwabeni wephoyisa le-NIU ebelingcwatshwa KwaMashu.
Kulo mngcwabo ka-Warrant Officer Sthembiso Mazibuko (40), uCele uthe uZimdollar wahamba waya emsakazweni “wayokhonkotha, wakhonkotha into ayithandayo”.
Wamsola ngokuthi uphake impi ebhekiswe emaphoyiseni ngakho kumele ajabule ukuthi kukhona eselibulewe.
Ubekhuluma ngesigameko lapho uZimdollar akhuluma emsakazweni ngasekupheleni kukaSepthemba, ezwakalisa ukungenami kwakhe ngamaphoyisa abulala izigebengu ngokuzidubula.
Wakhuluma kanje kusanda kubulawa usomabhizinisi uNkululeko Mkhize, eZimbali, waveza nokuthi kukhona abafowabo ababulawa yilolu phiko lwamaphoyisa.
Izolo, uKing Sfiso oshayela uhlelo noZimdollar ubelubambe yedwa lwaze lwaphela kanti akukho okuvelile ngokuthi uZimdollar ukuphi.
NgeSonto, iSABC iveze ukuthi udaba lwadingidwa lusanda kwenzeka, kwaxoliswa kwabathinntekayo naye uZimdollar, waxolisa esidlangaleleni kuKhozi.
Izolo, Isolezwe lithumele imibuzo ngokungezwakali kwakhe emoyeni, kodwa uMmoni Seapelelo ugcine engayiphendulanga imibuzo athunyelelwe yona.
Ngakolunye uhlangothi izazi zomthetho nezokusetshenziswa kolimi zisola uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele, ngenkulumo abeyibhekise kuZimdollar ngeSonto.
Isazi sezomthetho uMnuz Mpumelelo Zikalala, uthe uZimdollar unalo ilungelo lokuvulela uCele amacala amabili.
UZikalala uthe uZimdollar angalivula icala lokwehlisa isithunzi wathi angamvulela futhi nelokudicilela phansi isithunzi somuntu.
“Umehlise isithunzi ngendlela akhulume ngayo. Uphinde wadicilela phansi isithunzi sakhe njengoba engumuntu olalelwayo (uZimdollar),” kusho uZikalala.
Uqhube wathi isikhalazo sikaCele siyezwakala kodwa indlela asizwakalisa ngayo yiyo engafanele.
“Uma unesikhalazo kufanele ulandele imigudu efanele ukusizwakalisa. Uma ethi uhambe wayokhonkotha okusho ukuthi uyinja,” kusho uZikalala.
Uqhube wathi izinga lokukhalaza kufanele lihambisane nendlela efanele yokuziphatha, ikakhulukazi kumuntu osemehlweni abantu njengoCele kwazise kuyabhekwa ukuthi ngubani lona okhuluma ngendlela engafanele.
USolwazi Sihawu Ngubane, oyisazi sezokusetsheziswa kolimi, uthe kuwukumthunaza uZimdollar uma ethi uyakhonkotha.
“Umuntu osho kuye kanjalo yilo ongenandaba naye, ongamhloniphi. Kwesinye isikhathi inja iyayikhonkotha imoto ehambayo kodwa lokho kungeke kusize ngalutho ngoba uma isima, ngeke inja ibe namandla okuyiluma imoto. Okusho ukuthi ngamanye amazwi usho ukuthi wenze umsindo ongenasidingo,” kusho uNgubane.
Uqhube wathi uyabona ukuthi uCele ukhulunyiswe yintukuthelo.
“Umoya wakhe ubugcwele intukuthelo. Ukube ubengesiye umuntu osemehlweni abantu kusobala ukuthi ubezovele ambize ngayo inja. Ngeke sithi wenze into enhle, cha,” kusho uNgubane.