AYAVEVA intukuthelo AmaBhinca ngokubukelwa phansi nokwedelelwa ezinkundleni zokuxhumana kuthiwe ahamba edunusa uma eziswenkele.
Lokhu sekudale ukuba abaphathi bawo ngaphansi kwenhlangano Ubuhle Bamabhinca bazwakalise ukungenami nokuphoxeka ngendlela abenziwa ngayo inhlekisa emphakathini.
Omunye wabaphathi bawo uMnuz Khweca Mcineka, usenqume ukuba aqale imikhankaso yokuba umphakathi uwaqonde kangcono futhi uwahloniphe njengabo bonke abantu baseNingizimu Afrika abavikelwe uMthethosisekelo.
Okhulumela Ubuhle Bamabhinca, uMnuz Melusi Ntshangase, uthe sekuyisikhathi eside bebukelwa phansi bebizwa ngamagama anohlevane.
“Yikho lokhu okwenze umphathi wethu ubaba uKhweca Mcineka aqale izinhlelo zokuba sibonakale emphakathini ukuthi siyizinsizwa ezizithandayo, ezingezwani nobugebengu kodwa eziziphilisa ngamandla azo. Siyaziswenkela, asizwani nokuhlukunyezwa kwabesifazane. Siyizinsizwa ezikwaziyo ukuthi umuntu wesifazane uyathandwa futhi siyalobola siganwe. Ngakho le nto yokusidelela uma sizigqokele oBrentwood kuthiwe siyadunusa, ibuhlungu futhi kuningi abakushoyo ngathi ongakubona udumale ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uNtshangase.
Uthe bafuna umphakathi ubasebenzise kuyona yonke imikhankaso yokwakha isizwe ukuze zonke izinsizwa ziyibone impilo yabo ukuthi inenhlonipho nokuthanda amasiko nokuqhakambisa abantu besilisa abaqotho abangebona ababulali namasela nabadlwenguli.
“Ngikhuluma nawe nje siqalile nomphathi wethu izinhlelo zokuhambela izindawo njengakoNquthu, Msinga, KwaNongoma nasoLundi ukuthi siqhube imikhankaso wokwaziwa emphakathini nokugqugquzela ifestival yethu ebizwa ngokuthi uBuhle bamaBhinca ezoba ngoMashi 21 yokuqhudelana ngengqephu esenziwa ngayo inhlekisa okungoBrentwood,” kusho uNtshangase.
Uthe uBuhle bamaBhinca Festival buzoba seDa Chillas oLundi ngoMashi lapho kubekwe khona isiteki sikaR15 000.
Uthe ibhinca eliyowashaya emakhanda liyothola umklomelo kaR15 000 bese elesibili lithole uR10 000 kuthi olale isithathu anikezwe uR5 000 kanti ukujoyina uR500 umuntu ngamunye.