ABUKABIBIKHO okwamanje ubufakazi obuphathekayo obungaholela ekutheni iNational Prosecuting Authority (NPA) ibophe umculi, uKelly Khumalo, kwelokubulawa kukanozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
Lokhu kushiwo yisazi sezomthetho, u-Advocate Mpumelelo Zikalala, engxoxweni abe nayo neSolezwe.
UZikalala uthe yize bukhona ubufakazi obuyamanisa uKelly necala lokubulawa kukaMeyiwa ezitatimendeni okuthiwa zenziwa abanye babamangalelwa, kodwa lobo bufakazi abenele ukuthi bungambophisa.
“Kungenzeka ukuthi iNPA kwathi uma ibubuka lobu bufakazi, yathi siyakuzwa okuvela lana futhi kuyawenza umqondo kodwa akwenele ukuthi singabopha uKelly,” kusho uZikalala.
Uthe lokhu ukusho ikakhulukazi ngoba yize noma inkantolo yabemukela ubufakazi ngesikhathi ilalele ubufakazi bokwamukelwa noma kuchithwe ubufakazi obabuphikiswa ngabamangali bokubhala izitatimende zokuvuma icala, kodwa busashiya imibuzo njengoba kuvela ukuthi abamangalelwa bathi balivuma icala baze baveza nokuthi babethunywe uKelly ngoba babeshawa.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuvele kuyo le nkantolo ukuthi lezi zitatimende zenziwa ummangalelwa wokuqala uMuzikawukhulelwa Sibiya nommangalelwa wesibili, uMnuz Bongani Ntanzi ngo-2020.
UZikalala uthe ngisho nalobo bufakazi bezingcingo, obuveza ukuthi kwaba khona ukufonelana phakathi kukaKelly nommangalelwa wesihlanu uFisokuhle Ntuli, ngaphambi nangemumva kwesigameko, nabo abenele.
“Isizathu sokuthi ngisho lokhu ukuthi yize busuke bukhona ubufakazi bokushayelana izingcingo obusolisayo kodwa ngenxa yokuthi busuke bungakwazi ukuveza ukuthi yini eyayixoxwa, ngeke ume ngabo enkantolo uthi nebala uKelly walibopha itulo lokubulala uMeyiwa,” kusho uZikalala.
Uthe kokunye iNPA isuke ilihlakaniphela icala, ifuna ukuthi iqale igojele labo enobufakazi obuphathekayo bokuthi babamba iqhaza endaweni yesigameko, bese kuthi uma isiqedile ngabo, ibheke ukuthi akukho yini abazokugonyuluka okuzoninda abanye abasengaphandle.
Uqhube wathi ezimweni ezifuze lezi, iNPA isuke ibalekela ukuthi ibophe umuntu ozobuye adelelwe ngokuhamba kwesikhathi ngenxa yokushoda kobufakazi.
Uthe yize kusami kanje okwamanje kodwa kusengenzeka kushintshe, aboshwe uKelly, uma sekuvela obunye ubufakazi obuqinile.
UMeyiwa owayeyisoka likaKelly, wadutshulwa wabulawa kubo kalo mculi eVosloorus eGoli ngo-Okthoba 2014.
Ezinkundleni zokuxhumana uKelly ubonakala eqhubeka nempilo. Muva nje ujabulela ukuphothula ukuthwasa kwakhe, nokuba umelaphi ngokugcwele. Uzibiza ngoHlanga loMhlabathi.
Khonamanjalo, umlingisi weChampions kuMzansi Magic, uTumisho Masha, ekhuluma kwi-Engineer Your Life Podcast, uthe ukube uMeyiwa othinteka ekubulaweni kukaKelly, ngabe usephenduke umgodi onganukwanja.
Icala libuyela kusasa enkantolo, umphenyi omkhulu uBrigadier Bongani Gininda uzobe ehlonywa ngemibuzo u-Advocate Charles Mnisi.