IBANDLA lamaNazaretha ngaphansi kobuholi boNyazilwezulu, lihlangene eNelisiwe, eShowe, ngenhloso yokugubha isikhumbuzo somholi wesibili waleli bandla, iNkosi Jerome Galile Shembe, Ilanga, owakhothama ngoDisemba 19, 1976.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe lo mgubho uzothatha amasonto amabili.
“Njalo uma kunguDisemba, kuba nesikhumbuzo seNkosi Ilanga. Ngokujwayelekile kuba wumcimbi omkhulu ogujwa amaNazaretha ngalesi sikhathi sonyaka. Uma kugujwa lo mcimbi kuba nezintshumayelo, sikhumbula nemisebenzi emihle yeNkosi Ilanga. Uma kuphela isikhumbuzo sizobe sesilungiselela ukuya entabeni iKhenana ngoJanuwari. Sizophuma ngoJanuwari 3,” kusho uMncwabe.
Lesi sikhumbuzo sihlangane nomgubho wosuku lokuzalwa loNyazilwezulu. UNyazi lugubhe usuku lwalo ngokumema abafundisi bakwamanye amabandla abenikwa ithuba ukuthi adlulise imiyalezo phambi kwezinkumbi zamaNazaretha.
Luphinde lwavakashela eMpangeni, lapho lifike lagubha khona usuku lokuzalwa neWorld Peace Foundation eholwa wu-Ishwar Ramlutchman Mabheka Zulu. Khona lufike lwabusiswa ngezipho ebezivela kule nhlangano engenzi nzuzo. Kuphinde kwambulwa nemifuziselo yabaholi baleli bandla asebakhothama eyakhiwe yiWorld Peace Foundation zinikelelwa ibandla.