INHLANGANO emele amaciko kuleli idlulise ukubonga emaphoyiseni ngokubopha abasolwa abayisikhombisa abathinteka ecaleni lokubulala umrepha wakuleli, uKiernan AKA Forbes nomngani wakhe uTebelo Tibz Motsoane.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal, ngoLwesibili ebusuku, amemezele izindaba zokuthi kuboshwe abalisa abayisithupha kanti izolo ekuseni, kwavela ukuthi sekuboshwe omunye wesikhombisa.
Bonke laba kulindeleke ukuthi bavele namhlanje eNkantolo yeMantshi eThekwini.
UJoy Mbewana ongumengameli womfelandawonye wezinyunyana zamaciko kuleli, iCreative Cultural Industry Federation of South Africa (Ccifsa), uthe ubusufana nesihlava umgwaqo uFlorida, okwenzeka khona isigameko njengoba amanye amaciko abesesaba ukuyosebenzela kuwona.
“Ukuboshwa kwalaba kuyasijabulisa njengoba ingane yakhe uKairo kithi ifana neciko, izokwazi ukuhamba zonke izindawo ngaphandle kokusaba, kanjalo nonina wayo uDJ Zinhle uzothola ukuphumula emoyeni njengoba naye akubeka kwacaca ukuthi uyasaba ukuza kuleli dolobha ngemuva kwalesi sigameko. Siyabonga emaphoyiseni ngomsebenzi awenzile, bekuhlala kukhalwa ngokungabanjwa kwabasolwa. Kuke kwaba nezinkulumo zokuthi njengoba eqeda unyaka adlula ake senze into yokumkhumbula,” kusho uJoy.
Uthe ukushona kwalaba kwadala ukuthi kuvalwe amabhizinisi amaciko afana neWish, nokuyinto ekhahlameza umkhakha abakuwo.
“Amaciko amanye abengasamemezeli uma kukhona indawo ayodlala kuyo kulo mgwaqo ngenxa yakho ukwesaba. Siyanxusa ukuthi amaphoyisa aqhubeke nokubamba abanye abantu futhi nomthetho wenze ubulungiswa ecaleni likaSenzo Meyiwa. Kulo mkhakha esikuwo siyafisa ukuthi abhekwe amacala eGBV njengoba ethe chithi saka. Sijabule ngokwenzekile ecaleni lika-AKA nomndeni wakhe kukhona lapho uzophola khona amanxeba akade evulekile ngalesi sigameko,” kuchaza yena.
Amaciko akuwona nje kuphela athintekile ngalesi sigameko nabantu bakuleli baphawulile ngokuboshwa kwalaba basolwa.
U-@Mama_KGOTLI uthe: “Kwakungamele bambulale u-AKA. Ukushona kwakhe akusoze kwadlula.”
U-@_sophi_sticated uthe: “Yonke le nto yavele yavusa amanxeba angakapholi, ngaze ngaphuka emoyeni. Angazi ke-kunjani emndenini wakhe nakubantu abasondelene naye.”
U-@KhumaloDanica uthe: “Bonke laba basolwa ngeke balikhulume iqiniso ngokuthi ubani umuntu owayehlele leli tulo. Bayamsaba lona wesilisa bazothula. Babengamzondi u-AKA, babezifunela imali nje futhi bayithola. Okuyena owahlela leli tulo nguye okumele abe sejele kuqala.