USEKUBHACENI unina nendodakazi, emuva kokugujwa kwesidumbu sengane okuthiwa simbiwe amaphoyisa singcwatshwe egcekeni ethuneni elingashoni, okwenzeke KwaNongingqa, eTrustfeed, ngoLwesihlanu.
Isidumbu okukholakala ukuthi ngesika-Amkelokuhle Aphiwe Latha (2) kusolwa ukuthi sangcwatshwa uninakhulu nonina, ezinyangeni ezinhlanu ezedlule.
Ngokomthombo weSolezwe, u-Amkelokuhle ngosuku ashona ngalo, wabonakala eyetha kwangaqondakala ukuthi udliwa yini wagcina ngokushona.
Kuthiwa ugogo wakhe nonina bakhipha amalungu omndeni ayesendlini basala nesidumbu sakhe, okukholakala ukuthi basala basimbela egcekeni basigqiba ethuneni elingashoni ebusuku, ngaphandle kokwazisa umphakathi namanye amalungu omndeni ngezinhlelo zomngcwabo.
“Umfana wakhona kulo muzi uhambile wayobikela amaphoyisa ngokwenzeka, okuholele ekutheni ngoLwesihlanu, egcine efikile ukuzogubha isidumbu sayiswa emakhazeni. Ugogo wengane nonina babalekile, kabaziwa ukuthi babhace kuphi njengoba lesi sigameko sishaqise amalungu omphakathi,” kusho umthombo.
Induna kule ndawo, uMnuz Mfaniseni Mnomiya, ithe yazisiwe ngalesi sigameko yavuka izolo, yanikela kulo muzi ethe kukaMagabela.
“Kule ndawo ngenxa yokuthi kunezindlu ezihlala abantu abehlukene abanye baqashile, akungcwatshelwa egcekeni kodwa kunendawo yamathuna. Ngesikhathi ngifika, akekho engikwaze ukukhuluma naye wakhona kulo muzi njengoba kuvela ukuthi abantu bakhona abekho babalekile. Kodwa amalungu omphakathi asilandisile ngokwenzekile kumbiwa isidumbu. Yinto esishaqisile nokuthi asiyazi imbangela eholele kulesi simo,” kusho uMnomiya.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mhlabunzima Memela, uqinisekise ukuthi ihhovisi lomnyango elikuleya ndawo lazisisiwe ngesigameko.
“Ngebhadi, akukho muntu kuloya muzi ngakho abasebenzi bomnyango bese begcina bethembela kwabakutshelwa amalungu omphakathi. Siyawagqugquzela amalungu omphakathi abike ngezimo ezifuze lezi emaphoyiseni ngakho sisishayela ihlombe isenzo selungu lomndeni sokubika ngalolu daba ukuze isidumbu sengane sihlolwe kutholakale nembangela yokushona kwayo,” kusho uMemela.
Uxwayise amalungu omphakathi ngokungcwaba kungalandelwa imigudu efanele, wathi uma umuntu eshonele ekhaya kufanele kulindwe amaphoyisa nabezempilo ukuqinisekisa ukuthi isidumbu siyahlolwa futhi siyenziwa nesitifiketi sokushona.
Uthe uma bengenawo amandla okungcwaba, uhulumeni uhlale evule izandla ukusiza imindeni ehluphekayo ukuze kugwemeke izimo ezifuze lezi ezingagcina sezenza abantu bavulelwe amacala obugebengu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNew Hanover avule idokodo ngokufa komuntu emva kokumbiwa kwalesi sidumbu.