BANGU-45 abantu ababoshelwe amacala athinta ukhetho selokhu kuqale isizini yokhetho kuleli.
Lokhu kushiwo uLt General Tebello Mosikili, ongomunye wosihlalo bohlaka lombutho wezokuvikela oludidiyelwe, iNational Joint Operations and Intelligence Structure, oluholwa umbutho wamaphoyisa akuleli, iSouth African Police Service (SAPS) ngeSonto, ngesikhathi kunesithangami sabezindaba lapho lolu hlaka belukhuluma khona nabezindaba ngokuzilungiselela kwalo ukubhekana nokhetho lukazwelonke olungoLwesithathu oluzayo.
ULt Gen Mosikili, uthe nakuba engeke asho ukuthi mangaki amaphoyisa ahlelelwe ukubhekana nomsebenzi wokugada ukhetho, kodwa angakusho ukuthi bakuhlelele konke okungahle kwenzeke ngamaphoyisa enele nokuthi uma kuba nesidingo amasosha angenelele.
Uthe selokhu iqalile isizini yokhetho kuvulwe amacala angu-50, kuwo kwaboshwa abangu-45. Amacala ababhekene nawo awokudala udlame emphakathini, ukulimaza impahla, ukwephula umthetho wokhetho, i-Electoral Act, nokususa izingqwembe zokukhankasa zelinye iqembu. Ababoshiwe abaseGauteng, Limpopo, Mpumalanga naseNorth West.
"Sesilwenzile uphenyo olubheka ukuthi iziphi iziteshi zokhetho okungenzeka zibe nodlame ngokubheka izindawo ezike zaba nodlame phambilini, isimo esiqhubekayo kulezo zindawo nokunye. Angeke ngizisho ukuthi iziphi lezo ziteshi nokuthi zikuziphi izifundazwe ngoba sihlelele ukubhekana nazo zonke izimo ezingavela kuzo zonke izifundazwe, kuhlanganisa nezinhlekelele zemvelo nezingadalwa ngabantu," kusho uLt Gen Mosikili.
Uthe uhlelo lwabo luhlanganisa amasosha, abasebenzi boMnyango wezaseKhaya, amaphoyisa, ezinye izinhlaka zezokuvikela, ezokutakula nezinye.
"Eziteshini kuzobe kunamaphoyisa azobe esizana nabekhomishini yokhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), ukuze kukhishwe abazofika nezikhali, abazodala udlame, abazokhankasa ngendlela engavumelekile khona eziteshini nokwenza isiqiniseko sokuthi asebexoshiwe ngeke besangena eziteshini futhi. Ngaphezu kwalokho, sizobe sibheke abantu abasabalalisa izinto ezisusa udlame ezinkundleni zezokuxhumana. Sizoqapha abe-IEC uma sebehambisa amabhokisi amavoti ezikhungweni, siphinde sibagade uma sebebala. Ngemuva kokhetho, sizoqapha izixuku zabantu abazobe bejabulela ukhetho sibheke ukuthi lokhu akwenziwa ngendlela enodlame," kusho uMosikili.
UGeneral Nhlanhla Sizani wombutho wamasosha kuleli, iSouth African National Defence Force, uthe iNiningizimu Afrika ayikho empini ngakho ngeke asho ukuthi mangaki amasosha ajutshelwe ukulekelela ngesikhathi sokhetho.
“ Sizolekelela lapho esizobe sidingeka khona,” kusho uGen Sizani.