ABAHOLI bamaqembu ahlukene ezepolitiki sebenxuse uMengameli Cyril Ramaphosa, ukuthi angenzi izethembiso ezingeke zifezeke njengoba ethula inkulumo ebhekiswe esizweni ngoLwesine ebusuku eKapa.
Abaholi bathe sekuphele iminyaka uRamaphosa ethembisa umphakathi izinto ezigcina ngokungenzeki.
Umholi we-FF Plus uDkt Pieter Groenewald, uthe uRamaphosa kumele asebenzise inkulumo ngokuxolisa ebantwini ngezithembiso angazifezanga. Uthe njengoba kuwunyaka wokhetho kusho ukuthi zimbili izinkulumo ezizothulwa ezibhekiswe esizweni.
“Kucacile ukuthi enkulumeni kamengameli uzobe encoma imisebenzi eyenziwe i-ANC eminyakeni engu-30. Asilindele lutho olutheni kule nkulumo ngaphandle kwezethembiso. Sifuna akhulume ngezinto ezithinta abantu ababhuquza emakhaya ngoba beswele imisebenzi, ababhuqwa yindlala ukuntenga komnotho kanjalo nezinye izinselelo ezibhekene nezwe.”
UMnuz Kevin Mileham weDA, uthe uRamaphosa kumele asebenzise le nkulumo ukuveza izinhlelo zikahulumeni zokunqanda ukunyuka kwezinga lokuphila, ukunyuka kukaphethroli nokunye.
“Silindele umkhombandlela ngezinkinga ezibhekene nabasebenzi abadonsa kanzima. Izinga lokuphila liyanyuka kanti kucacile ukuthi i-ANC ayinandaba nabantu.”
Umholi we-Action SA uMnuz Herman Mashaba, uthe akangabazi ukuthi uRamaphosa uzokwenza ezinye izithembiso angeke azifeze. Uthe abantu badonsa kanzima kakhulu manje uma uqhathanisa neminyaka edllule.
“Sinenkinga yokucishwa kukagesi, izinga lobugebengu eliphezulu, ingqalasizinda endala, abantu abasebenzi kanti ziningi izinkinga ezibhekene nezwe. Isisombululo kule nkinga wukuthi kukhishwe i-ANC emandleni.”
UNobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, ekhuluma nabezindaba muva nje uncome uKhongolose ngakwenzele abantu bakuleli eminyakeni engu-30 edlule. UMbalula wathi ngaphandle kwe-ANC izwe lingabuyela ebubheni.
Amaqembu aphinde anxusa uRamaphosa ukuthi amemezele usuku lokhetho lukazwelonke.
Okhulumela uRamaphosa uMnuz Vincent Magwenya, ekhuluma nabezindaba izolo, uthe inkulumo kuzoba eyokugcina ngaphambi kokhetho wathi nakanjani uzokhuluma nangezinto ezenziwe nguhulumeni eminyakeni engu-30 edlule.
Uthe usuku lokhetho uzolumemezela ezinsukwini ezingu-15 ezizayo.
“Usuku lokhetho uzolimemezela maduzane. Inkulumo yokugcina ebhekiswe esizweni ngaphambi kokhetho ngakho ziningi nezinye izinto azozibalula ezenziwe nguhulumeni.”
Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu, uthe ulindele ukuthi izinto ezithinta izibonelelo zibe seqhulwini. ICosatu ithe indaba yemisebenzi, ukucishwa kukagesi, ukudilizwa kwabasebenzi eposini, ngezinye zezinto abalindele ukuthi uRamaphosa akhulume ngazo.