BAMBIZE ngeqili uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, abeseka uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, becikwa yizimpendulo zakhe emaphepheni ecala lombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu elizoqulwa ekupheleni kwenyanga.
Abeseka uMntwana uSimakade basola uRamaphosa ngokucasha ngesithupha emaphepheni asenkantolo lapho abephendula khona abaphonsela inselelo isinqumo sakhe sokuvuma ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Emaphepheni asenkantolo, uRamaphosa uthe wavuma ukuqokwa kweSilo uMisuzulu emva kwesinqumo seNkantolo eNkulu eMgungundlovu, lapho ijaji uMjabuliseni Isaac Madondo, anquma ukuthi iSilo uMisuzulu sifanelwe ukuhlala esihlalweni.
Lokhu uMadondo wakusho ngesikhathi kuqulwa amacala asendlunkulu ayehlukene kathathu, amabili awo ayefuna kumiswe ukuqokwa kweSilo.
Elokuqala elalifuna kumiswe ukuqokwa kweSilo lalifakwe abaNtwana, uNtandoyenkosi Zulu noNtombizosuthu Zulu-Duma, ababephonsela inselelo incwadi yefa eyaqoka iNdlovukazi uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu njengebamba-bukhosi.
Elesibili lalifakwe uMntwana uMbonisi Zulu, naye owayefuna kumiswe ukuqokwa kweSilo.
Emva kokuchithwa kwala macala, uRamaphosa wabe esekhipha isitifiketi esigunyaza ukuqokwa kweSilo.
Esinye isizathu esibekwa wuRamaphosa emaphepheni asenkantolo ngokuvuma kwakhe ukuqokwa kweSilo, uthe kwakungekho mbango ngesikhathi ethatha isinqumo sokuvuma ukuqokwa kweSilo.
Abeseka uMntwana uSimakade bayaphikisana nezimpendulo zikaRamaphosa. Lokhu bakuveze kwisithangami nabezindaba ebesiseThekwini, izolo.
Omunye wabeseka uMntwana uSimakade, uMntwana uThokozani Zulu, uthe uRamaphosa akwakwazi ukuthembela kokwashiwo uMadondo.
“Lona kwakungumbono kaMadondo, awusho edlula ebheke esinqumeni sakhe. Umengameli akakwazi ukuthi angathatha isinqumo esingaka ethembele embonweni kaMadondo.”
UMntwana uThokozani uthe akusilona iqiniso lokhu okushiwo uRamaphosa kokuthi wawungekho umbango wesihlalo ngesikhathi ethatha isinqumo sokuvuma ukuqokwa kweSilo.
UMntwana uThokozani uthe uRamaphosa wathatha isinqumo azi ukuthi kwakunombango njengoba ayebhalelwe nguMntwana uThembi Zulu-Ndlovu, emtshela ukuthi indlunkulu ihlukene phakathi ngokufanele angene esihlalweni.
“Naye uRamaphosa uyakuvuma emaphepheni asenkantolo ukuthi wayithola incwadi ayeyebhalelwe nguMntwana wakwaNdlovu. Lokhu kusikhombisa ukuthi le nto ingubugebengu obuhleliwe. Ubuqili lobu.”
Abeseka uMntwana uSimakade baphinde bazwakalisa ukungenami ngokungathintwa kwabo ngodaba lwebhodi leNgonyama Trust.
Kuke kwanemibiko ethi kunombango wesikhundla sikasihlalo webhodi phakathi kukaJaji Jerome Ngwenya nenkosi uThanduyise kaMpiyezintombi Mzimela.
Kusasa iSilo sibize umhlangano namakhosi oLundi, lapho kuzokhulunywa khona ngalolu daba.