ISIKHUNGO esiholela izimpesheni kuleli, iSouth African Social Security Agency (Sassa), sithi zimi ngomumo izinhlelo zokuholela abempesheni ngoJanuwari.
Ezinyangeni ezimbili ezedlule kwaba nobuhixihixi kwezobuchwepheshe esikhungweni, kwadala ukuthi abanye abahola impesheni bangayitholi ngosuku olufanele imali kanti abanye bayithola ingasaphelele imali yabo.
UMnuz Moabi Pitsi okhulumela iSassa, uthe abahola izibonelelo zikahulumeni bazoqala ukuhola ngoLwesibili. Wacela abahola impesheni ukuthi basebenzise izindlela ezehlukene zokuhola okungaba ukuthola imali ezitolo noma bayikhiphe emshinini.
"Abanekhadi elinombala osagolide kumele baqhubeke bawasebenzise amakhadi kuze kushaye isikhathi esibhalwe kulo ukuthi esokugcina ukulisebenzisa. Leli khadi lingasetshenziswa ezitolo ezigunyaziwe ukuthi abahola impesheni bahole kuzo, nasemshinini yokukhipha imali ama-ATM," kuchaza uPitsi.
Uqhube wathi ngoLwesibili kuzobe kuhola abantu abadala, ngoLwesithathu kuhole abakhubazekile. Isondlo sabantwana sizoholwa ngoLwesine nangoLwesihlanu. Wathi abahola isibonelelo sabangasebenzi kuzomele babheke usuku abahola ngalo kwezobuchwepheshe. Unxuse ukuthi basebenzise amafoni babheke izinsuku zokuhola. UPitsi weluleke abahola emabhange baqinisekise ukuthi imininingwane yabo yasebhange bayithumela kwaSassa ngokushesha, uma kwenzeka ishintsha.
UPitsi unxuse abahola impesheni ukuthi baqaphele ogalakajane abacuthele ukubaqola njengoba kuyisikhathi samaholidi.
"Abahola impesheni kumele baqaphele ukuthi abakhiphi imali eningi abazoyiphatha. Uma befuna ukuthenga kungcono basebenzise amakhadi abo. Uma beqeda ukuthenga noma ukucela icashback esitolo, kumele benze isiqiniseko sokuthi ikhadi bayalithatha lingasali esitolo," kweluleka uPitsi.