BAHLELA ukuqhubeka nokushintsha impilo yamagosa nabasina ingoma abahleli bomcimbi weNgoma kaZwelonke ezobanjelwa ePeople's Park, eThekwini, ngoJuni 21.
UXolani Mcineka ohlela umcimbi, uveze ukuthi kubo indlamu iwumdlalo okade unganakiwe kodwa manje basemkhankasweni wokuthi ikhule isabalale kulona lonke leli.
"Okokuqala nje; sifuna ukuqala ngokuxolisa ukuthi sikhiphe usuku sathi umcimbi uzoba ngoJuni 7, kodwa lokho sesikushintshile ngoba endaweni esizoba kuyona umcimbi, kuzobe kubanjwe umjaho weComrades. Namhlanje sizomemezela usuku olusha, esifuna ngalo ukuqhubeka nokushintsha impilo yabantu abasina ingoma. Ngumdlalo lona emakhaya esikhule ngawo futhi siyacela ukuthi iziphathimandla ziwubhekele phezulu, sithole uxhaso," kusho uMcineka.
Uthe isifundazwe iKwaZulu-Natal uma kuziwa emicimbini ethinta imicimbi yomculo edabuka khona, ingoma ngeke ize isale ngaphandle.
"Asifuni ukuthi ingoma ibukeke njengedelelekile. Simema bonke abantu ukuthi baphinde baphume ngobuningi babo ukuzohlanganyela nathi kulo mcimbi walo nyaka. Akekho owayazi ukuthi ngelinye ilanga umcimbi wengoma uyobanjelwa ezinkundleni ezinkulu kangaka. Siyafuna ukushintsha impilo yabantu abasina ingoma ngalo mcimbi. Mina ngingakufela ukuthi lolu hlobo lomcimbi luthuthukiswe luye phambili," kuchaza yena.
Uthe maduze bazoya kocela izibusiso ngalo mcimbi kwiSilo saMabandla onke, uMisuZulu kaZwelithini.
Uveze ukuthi bayafisa ukuthi Imbube ibe yingxenye yayo kulo nyaka siqhubeke nokuyibusisa.
Okunye abakuvezile ukuthi Ifolo likamaskandi ngeke libe khona kulo nyaka.
Ngemuva komcimbi, uthe basahlela ukuthi bahambise izinsizwa nezintokazi ebeziyingxenye yomcimbi, okuyinto esazobonakala ukuthi bayenza kanjani ukubabonga ngomsebenzi wabo.
Umculi kamaskandi uBahubhe ongomunye wamanxusa, uveze ukuthi kusho lukhulu kuye ukunikwa ithuba lokuba yingxenye yalo mcimbi wengoma, njengoba engumuntu othanda ukusina.
Uthe uyafisa ukuthi umcimbi walolu hlobo uye nala edabuka khona.