ABELAPHI bendabuko banemibono ehlukene ngokubukeka kowesifazane ekhulelwe ngenxa yemimoya yedlozi.
UDkt VVO Mkhize, uthi uma owesifazane engenwe yidlozi elibizwa ngomndawu, ukhukhumala isisu kodwa uma esethwasile, siyehla. Uthe lokho kudalwa wukuthi lolu hlobo lwedlozi lusebenza ngocansi luze lumkhulelise. Uma singehli, uthi kusuke kusekuningi okusamele kwenziwe.
UZamokwakhe Bhaka” Nzama, uthe alikho idlozi elikhulelisa umuntu. Uthe uma ekhukhumele isisu sengathi ukhulelwe ebe engakhulelwe, usuke enesilwane. Lokho uthe kumele akusukumele ngokushesha ngoba isuke sizomgulisa, aphathwe yisinye.
UMnuz Khumbulani “Mabalengwe” Ntombela, uthe kuyenzeka owesifazane akhukhumale isisu uma enendiki. Wathi kusuke kudingeka ukuthi avume idlozi bese engena ophehlweni. Uma esevumile ukuthwasa uthi siyehla isisu. Uveze ukuthi uma singehli aze aphothule kungenzeka ukuthi usuke edle ukhamba olungafunwa yidlozi lakhe.