USIHLALO we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthe abantu abazothamela umcimbi weqembu wezethembiso zokhetho enkundleni iMoses Mabhida, eThekwini, ngeke bavunyelwe ukugcaluza bayoze baphume sekuphele umcimbi.
UNtuli ukhulume neSolezwe enkundleni iMoses Mabhida, ngesikhathi ehlola isimo ngoba balungiselela umcimbi ozoba ngeSonto. Kulindeleke ukuthi i-IFP yethule umhlahlandlela wokhetho wokuqala selokhu kwakhothama umsunguli wayo, inkosi Mangosuthu Buthelezi.
UNtuli ubehamba nabasebenzi be-IFP, nabanye abaholi bezinye izinhlaka zayo. Bekubonakala ukuthi bamatasa balungiselela ukufakwa kwezithombe zabaholi kanti nesiteji bese sixhunyiwe.
Njengamanye amaqembu, i-IFP ilungiselela ukhetho lukazwelonke olukhonjwe kuMeyi 29, lapho kuyogezelwana khona kucace ukuthi ngubani ozobusa izwe.
Kulindeleke ukuthi abalandeli be-IFP baqhamuke kuzo zonke izinkalo bezothamela umhlahlandlela weqembu. UMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa, uzokwethula inkulumo yosuku.
I-IFP yelama amanye amaqembu asephuma khona kule nkundla ebukeka inesibunge emaqenjini. Kuqale i-EFF kwalandela i-ANC abenze imicimbi yabo ebithanyelwe yizinkumbi zabantu. Muva nje, kwabonakala abalandeli be-ANC sebethe chithi saka olwandle, bengasayingeni eyomcimbi.
I-IFP iyafunga iyagomela ukuthi izogcwala ichichime inkundla futhi ngeke abantu babe wuvanzi. UNtuli uthe indaba yokugcaluza izobe ingavumelekile, kufanele abantu baziphathe kahle bahloniphe umcimbi.
“Sithe abantu uma sebengene ngaphakathi abaphumi, ezokuphepha zizobe ziqinile ukubheka ukuthi ongaphakathi akaphumeli ngaphandle. Sizoyenza yonke imizamo yokuthi abantu bahlale, umengameli aze aqede ukukhuluma emuva kwalokho abantu sebengaya emabhishi,’’ kusho uNtuli.
Uthe bayamangala ngendlela abantu abakhombisa isasasa ngayo kwi-IFP uze abone ukuthi uShenge lapho ekhona uyazimemela abantu. UNtuli uthe banqume ukuyisa umkhankaso wabo kule nkundla ngoba kunabantu abaningi abayilambele i-IFP.
UNtuli uthe kunabantu bazobe bevela nakwezinye izifundazwe abafuna ukuzozizwela bona umyalezo we-IFP.
Uthe ngeSonto kuzobe kufakwe izikibha zobuso bomsunguli weqembu ezimhlophe qwa. Uthe bami ngesisekelo somsebenzi kaShenge, ashiya ewenzile esebenzela abantu bakuleli.