Abaholi be-ANC KwaZulu-Natal bahlasele ngamazwi iqembu elikhankaselwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, ngesikhathi bephume umkhankaso wokuxoxa namalungu eqembu.
Ubuholi obuphezulu kwi-ANC KwaZulu-Natal bebuthe cithi saka kule mpelasonto, njengoba bekuhlelwe imicimbi yokukhuluma namalungu e-ANC kuzo zonke izifunda.
Kuphinde kwaba nomcimbi obuhanjelwe ababengondunankulu baKwaZulu-Natal, uMnuz Sibusiso Ndebele noSihle Zikalala, lapho bekukhunjulwa khona amalungu e-ANC abulawa ngesikhathi sodlame lwezepolitiki KwaSonkombo, Ndwedwe.
Abaholi be-ANC baphume kanje nje, umbuso wale nhlangano uyazanyazanyiswa esifundazweni njengoba uMkhonto weSizwe ufike kwezwakala.
Kepha abaholi bakhombise ukungethuswa yizigi zoMkhonto weSizwe.
UMtolo uthe uZuma kusafanele axolise kwi-ANC njengoba ethe le nhlangano yaqala ukwehlelwa isibalo sabavoti ngaphansi kobuholi bakhe.
UMtolo uthe ezinye zezinto ezazenziwa uZuma izona ezenza ukuthi abanye abantu bangayivoteli i-ANC.
“I-ANC yenza kahle ngaphansi kukaMbeki, yaqala ukwehla ngaphansi kukaZuma. UMbeki washiya i-ANC yenza kahle. Kuyamangaza ukuzwa uZuma ehambe ethi i-ANC iqale ukwehla ngaphansi kukaRamaphosa (uMnuz Cyril). Iqiniso ukuthi i-ANC yaqala ukwehlelwa amavoti ngaphansi kukaZuma. Ngakho uZuma kufanele axolise kwi-ANC nakuRamaphosa.”
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma namalungu e-ANC ngaphansi kwesifunda Inkosi Bhambatha.
UMtolo uthe uZuma wajikela bonke abantu ababemeseka ngaphambi kokuthi abe umengameli, nokwenza ukuthi abanye babo bagcina sebeyishiya i-ANC.
UZikalala yena usole abasungule uMkhonto weSizwe ngokuzama ukuntshontsha amagugu e-ANC.
“UMkhonto weSizwe kuyaziwa ukuthi uyifa le-ANC. Kungani laba bantu abasungule uMkhonto weSizwe bengazibizi ngenye into njengoba kwenza amanye amaqembu ezepolitiki amasha?”
UZikalala ubekhuluma nezintatheli emva kokuhambela umcimbi wokukhumbula izingqalabutho ze-ANC, oMnuz Million Meyiwa, Thabani Luthuli, noNhlamvana Ngcobo, abangabaseNdwedwe.
UNdebele uthe la maqhawe anikela ngempilo yawo.
“Ngaleso sikhathi wawungeke ucabange ukuthi i-ANC iyoke ifike kuleli zinga KwaZulu-Natal. Nakuba i-ANC siyayibona ikuleli zinga eKZN kungenxa yemisebenzi yala maqhawe.”