ABAMANGALELWA ababoshelwe ukufa komrepha u-AKA, uMnuz Siyabonga Gezani Ndimande noMnuz Malusi Dave Ndimande, kuthiwa babeke imibandela ngokubuyiswa kwabo kuleli besuka eSwatini. Iphephandaba i-Times of Eswatini libike kabanzi ngalolu daba nokuqhubekayo ngokubuyiswa kwabamangalelwa.
Kuboshwe isiqhoqho samadoda okuthiwa ayizinkabi ezanikwa itoho lokuyisa u-AKA koyisemkhulu athola amavenge amahle. Izinsizwa zakwaNdimande zingezinye zalaba ababoshiwe kodwa zona zisabhajwe eSwatini, lapho ezibanjwe zigobe khona amadlangala emqashweni.
U-AKA igama lakhe langempela okungu Kiernan Forbes, wadutshulwa wabulawa enomngani wakhe uTebello “Tibz” Matsoane kuFlorida, eThekwini nyakenye. Bathelekelwa amadoda abavithiza ngenhlamvu bashonela khona lapho phambi kwendawo yokudlela iWish eseyavalwa eyayisemgwaqweni uFlorida.
Amadoda aboshiwe asolwa ngokumkakisa okwenyamazane u-AKA amcoboshisa nomngani wakhe abahlaselwa bezincokolela bengazelele lutho.
Amaphoyisa abophe oMnuz Lindokuhle Thabani Mkhwanazi, (30), Lindani Zenzele Ndimande (35), Siyanda Eddie Myeza (21), Muziwethemba Harvey Gwabeni (36) noLindokuhle Ndimande (29). Bonke bavele eNkantolo yeMantshi eThekwini, ngoLwesine, lwesonto eledlule.
Ayishumi amacala ababhekene nawo esewonke asukela ekufeni kuka-AKA nomngani wakhe uTibz.
UMbuso wachaza enkantolo ukuthi kusalindwe ukuthi kuphothulwe uhlelo lokubuyiswa izinsizwa zakwaNdimande eziseSwatini.
Kuvela ukuthi kube nomhlangano phakathi kwezikhulu zophiko lwezokushushisa eSwatini, abamangalelwa nabameli babo lapho okuvele khona ukuthi banemibandela.
Kuthiwa bakubeke kwacaca ukuthi bafuna kuqinisekiswe ukuphepha kwabo. Bacele ukuphelezelwa ngamaphoyisa aseSwatini nabameli babo babanikele ezikhulwini zejele kuleli, hhayi emaphoyiseni.
Kuvela ukuthi abafisi ukunikelwa emaphoyiseni akuleli ngoba bayawesaba. Kuvela nokuthi bathe babona sengathi bayobe bephephile emajele akuleli kunokuthi bahlale eSwatini, lapho abatoke khona.
Kulindeleke ukuthi izinsizwa zakwaNdimande zivele eNkantolo yaKwaManzini, eSwatini, namuhla ngoba zangena kuleliya lizwe ngaphandle kwamaphepha.
Abalisa abahlanu ababoshwe kuleli kulindeleke ukuthi babuyele eNkantolo yeMantshi eThekwini kusasa nabo ukuze kuxoxwe ngezicelo zebheyili. Kulindeleke ukuthi kudingidwe nodaba lokubuysiwa kwabakwaNdimande abavaleleke eSwatini.
Izinsizwa zakwaNdimande okuthiwa zinebhizinisi lamatekisi, ziyamaniswa nokufa kukaMnuz William Kunene obedume ngoMtimande owayengumnikazi wamatekisi. Ziphinde zithinteke kwelinye icala lokufa komunye usomabhizinisi.