ABASOLWA ababili ecaleni lokubulawa komrepha uKiernan "AKA" Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz" Motsoane bathi bayaliphika icala lokumbulala, bamane babhecwa ngobende nje.
Izolo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini kuvele abasolwa abahlanu ababhekene necala lokubulala laba abadutshulwa bengaphandle kwendawo yobumnandi iWish emgwaqweni uFlorida eThekwini.
Abasolwa oMnuz Lindokuhle Mkhwanazi (30), Lindani Ndimande (35 ) Eddie Myeza (21), Mziwethemba Gwabini (36 ) noLindokuhle Ndimande (29 ) bafaka isicelo sebheyili.
Abasolwa abathathu kulaba kuvele ukuthi izethulo zabo azizange ziphothulwe ngabameli babo.
Kodwa umsolwa wokuqala uMkhwanazi benomsolwa wesithathu uMyeza, bakwazile ukuzifaka.
Encwadini efungelwe efundwe ngummeli kaMkhwanazi, u-Advocate Simphiwe Mlotshwa, uMkhwanazi ulimise ngesihloko elokuthi uyaliphika icala lokubulala lo mculi.
Uze wasebenzisa amagama okuthi usejahe kabi ukuthi liqulwe ukuze kuzohlala obala ukuthi akanacala.
"Noma seliqulwa icala yilapho okuyohlala khona obala ukuthi angazi lutho ngalo,'' usho kanje.
Eqhuba ummeli kaMkhwanazi, uveze ukuthi ngesikhathi lo mmangalelwa ekhalelwa ngamasongo kaSigonyela wayazi ukuthi uboshelwa icala lokubulala uMnuz William Kunene.
Uthe kodwa wethuka koma nasozwanweni ngesikhathi amaphoyisa esembhaxabula, wezwa esemphoqa ukuba avume ukuthi uyabandakanyeka ekubulaweni kuka-AKA.
Uthe uyayicela ibheyili ngenxa yokuthi kunezinto eziningi okumele azenze uma esephumile.
UMkhwanazi uthe angeke alibalekele icala ngoba abaseshi wabathatha wabayisa nalapho ahlala khona, wathi wabanikeza nencwadi yemvume yokuhambela amanye amazwe. Ugcizelele ukuthi umkakhe ukhulelwe yingakho ekudinga ukuphuma ngebheyili ukuze ezomnakekela.
Nommeli kaMyeza, uYolanda Gielink, uthe bayaliphika icala lokubulala u-AKA.
Uthe konke kuzohlala obala uma seliqulwa leli cala, waqinisekisa ukuthi uMyeza akahlangene nokubulawa kwalo mculi.
Naye uthe uMyeza uyayidinga ibheyili ngoba iyilungelo lakhe. Uthe futhi akanazo izincwadi ezimvumela ukuhambela amanye amazwe.
Uveze ukuthi nempilo yakhe ngeke ibe sengcupheni uma engathola ibheyili. Uthe nophenyo angeke aluphazamise.
Ngaphakathi enkantolo bekugcwele njengenjwayelo. Uyise ka-AKA, uTony Forbes, ubekhona ephelezelwa ngonogada bakhe.
Ephawula uyise ka-AKA, ukhulume ngalaba abanye ababoshelwe eSwatini angakatholakali amaphepha agunyaza ukuthi babuyiselwe eNingizimu Afrika.
"Kuzothatha isikhathi, angicabangi ukuthi kuzoshesha ukuthi balethwe ngalapha. Kungenzeka kugcine kuthatha ngisho izinyanga. Angazi ukuthi yindaba singakafakwa isicelo sokuthi balethwe kuleli,'' usho kanje.
Uthe uyacabanga ukuthi abamelwe ukwenza loyo msebenzi basamatasa nokwenza isiqiniseko sokuthi uyaphumelela.
Lolu hlelo ulifanise nomjaho wathi, kuzodingeka isikhathi ukuze kugcine kutholakale iqiniso.
Mayelana noMkhwanazi ongumsolwa wokuqala, uthe kunelinye icala athola kulona ibheyili, kodwa futhi ufuna enye ibheyili kuleli lika-AKA.
"Ngiyazibuza ukuthi njengoba elokhu ebalisa ngomkakhe wayenaye yini ngosuku lokubulawa kwendodana yami?'' usho kanje.
Ukhale ngokuthi kuyamxaka manje ukuzwa uMkhwanazi yonke into useyenza ibe mayelana nomkakhe.
Ubephendula ukuthi unalo yini uzwelo njengoba kuvela ukuthi unkosikazi kaMkhwanazi uzithwele?
"Nami indodana yami inengane eneminyaka engu-8. Konke lokhu okubalwa uMkhwanazi akubalulekile,'' echaza.
Okuqaphelekile ngabasolwa abahlanu ukuthi bebengazifihlile kulokhu futhi bebonakala bekhululekile.
Ngesikhathi sebehla bebebonakala bebingelela abantu ababaziyo abebesenkantolo.
Leli cala lizobuyela enkantolo ngoMsombuluko.