UMSOLWA wesihlanu ecaleni lokubulawa komculi uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane uthe wayengeve eyokwelusa lo mculi eWish emgwaqweni uFlorida kodwa wayeyohlangana nowesifazane othize.
Usho kanje encwadini efungelwe efundwe ummeli wakhe u-Adv Sphiwe Mlotshwa ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwesicelo sebheyili yabasolwa abahlanu eNkantolo yeMantshi eThekwini.
Izolo uMbuso uphothule ukwenza izethulo zawo zokuthi kungani kungamele badedelwe ngebheyili abasolwa okungoLindokuhle Thabani Mkhwanazi (30), Lindani Zenzele Shisela Ndimande (35), Siyanda Eddie Myeza (21), Mziwethemba Harvey Gwabini (36) noLindokuhle Lindo Ndimande (29).
UMlotshwa ephendula izethulo zoMbuso efunda incwadi efungelwe kaNdimande (Lindokuhle), uveze ukuthu wayengayile eWish ngenhloso yokwelusa u-AKA.
“Ngangingazi nokuthi naye lo mculi wayekhona. Ngangiyohlangana nowesifazane nalapho engabona ukuthi uthatha isikhathi eside ukuthi afike ngaqhubeka ngilokhu ngimshayela ucingo elokhu engithembisa ukuthi uyeza.”
Eqhuba uthe wezwa sekhuqhuma isibhamu ngaphandle.
“Angazi lutho ngokudubula. Ngiyakuphika lokhu okushiwo umphenyi othi ngashintsha indawo engangikuyo eWish futhi ngiyakuphika ukuthi ngangingezi eWish njalo,” ubeke kanje.
Umsolwa uphinde wadalula ukuthi isamba semali engu-R100 000 eyafakwa uGwabeni kwakungeyomsebenzi ayekade emenzele wona wokuba ngumshayeli wakhe njengoba ebuye abe ngumuntu ohambela izindawo ezikude. Ugcizelele ukuthi ize ifike kulesi samba yingoba bese kuphele izinyanga engamkhokheli.
UMkhwanazi encwadini yakhe efungelwe, uthe ubhecwa ngobende inyama engayidlanga.
“Izinsolo engibekwe zona ziyadukisa futhi ziyiphutha. UMbuso akunacala ongangibeka lona ngoba awunabo ubufakazi obuqanda ikhanda. Imali engu-R100 000 engakhokhelwa yona kwakuyimali yami yokuba umqaphi ngoba ngangingakhokhelwe isikhathi eside,” usho kanje.
Encwadini efungelwe kaMyeza efundwe ummeli wakhe u-Adv Yolanda Gielink, uthe uMyeza uyakuphika okwashiwo uMbuso ukuthi wayeqashwe uGwabeni futhi ngesikhathi sokudutshulwa komculi yena wayesesibhedlela ngoba edubuleke eqakaleni.
“Angizange ngizidubule mina njengoba uMbuso uthe ngangidlala ngesibhamu ngase ngizidubula. Ngicela inkantolo inginike ibheyili ka-R5000,” kusho uMyeza.
Icala lizobuyela enkantolo ngoMsombuluko.