AZIGCULISEKILE izinhlaka ezahlukene eNingizimu Afrika, ngesabelomali sanonyaka. Phakathi kwazo, amaqembu ezepolitiki, izinyunyana zezisebenzi kanjalo nezazi zezomnotho.
USekela Mengameli weCope, uMnuz Willie Madisha, uthe isabelomali sanonyaka singesinye salezo ezingasho lutho.
“Sinezinkinga eziningi kabi kuleli lizwe, akazange asho lutho olubambekayo ngazo. Sinenkinga yezinga eliphezulu lentsha engasebenzi, okukhona kuyo neneziqu. Besinethemba lokuthi kukhona azokusho ukuthi yini uhulumeni ozoyenza ukwenza ngcono lesi simo?” kusho uMadisha.
Uphinde wahlaba eyokunyuka kwesibonelelo sezaguga ngoR90, wathi incane kakhulu leyo mali uma ubuka indlela okubiza ngayo ukudla ezitolo.
UNobhala Jikelele weGood Party, uMnuz Brett Herron, uthe angakusho ukuthi isabelomali sanonyaka bekungesalabo abacaphuna kusale.
“Isabelomali besingaphathelene nabadla imbuya ngothi. Lokho kusho ukuthi umuntu ohlwempu, uzoqhubeka nokuba hlwempu,” kusho uHerron.
Ephawula ngomhlomulo kaR15 000 okuthiwa uzonikwa labo abafuna ukufaka ugesi welanga, uthe kuyizindaba ezinhle kubuye kube yizindaba ezimbi.
“Yize bekhona abazokujabulela lokhu kodwa kwabamabhizinisi amancane nasafufusa, lolu xhaso luncane kakhulu kubona, awukho umehluko okuzowenza ngoba sikhuluma ngokuthi ukufaka lolu hlobo lukagesi kuyimali ela kuR250 000, uR15 000 mncane kakhulu kubona,” kusho uHerron.
Ophawula ngezezimali kwi-DA, uMnuz Dion George, uthe bashaqekile uGodongwana engasho lutho ngokuthi isikweletu lelizwe elinaso sizoncishiswa kanjani.
“Lokhu kuzosilimaza siyizwe kubhekwe phambili ngoba inzalo izolokhu ukhula,” kusho uGeorge.
Uthe izwe linezinkinga eziningi kakhulu okufanele ingabe zibekwa phambili kunokuthi kuthathwe imali elinganiselwa kuR1 billion ukuyotakula iSAA.
USekela Mengameli we-UDM, uMnuz Nqabayomzi Khwankwa, uthe kuyakhathaza ukuthi i-Eskom ilokhu unikwa imali yokuthi ilungise izinkinga ezadalwa abantu abasekhona namanje.
“Lokhu kusho ukuthi sisazoqhubeka sibe nezinkinga esinazo e-Eskom,” kusho uKhwankwa.
UMengameli wePublic Servants Association (PSA) uMnuz Lufuno Mulaudzi, uthe kubaphatha kabi ukuthi izisebenzi zikahulumeni zisalokhu ziqhubeke njalo nokuthola imiholo engagculisi kusukela eminyakeni embalwa eyedlule.
“Lokhu kuholela ekutheni noma besebenza bangabi nawo umdlandla wokusebenza ngokuzimisela,” kusho uMulaudzi.
Uthe kulele kuye uhulumeni ukuthi uzimisele yini ukuhlangabezana nezisebenzi ezimfunweni zazo, ngale kwalokho, zizokwenza isimo sibe nzima ngoba yize ziwuqonda umonakalo odalwa yiziteleka kodwa zizobe zingenakho okunye ezingakwenza ngaphandle kokuteleka.
Umsunguli weTax Justice SA, uMnuz Yusuf Abramjee, uthe emva kwesabelomali sanonyaka, banxusa ukuthi kube khona okwenziwayo ngengwadla edalwa yilabo abahweba ngokungekho emthethweni.
Uthe ngenxa yalolu hlobo lokuhweba uhulumeni ulahlekelwa imali elinganiselwa kuR100 billion njalo ngonyaka.
“Inkulumo kangqongqoshe idwebe isithombe esicacile ukuthi uhulumeni akalunakile kangakanani udaba lwalabo abahweba ngokungekho emthethweni ekubeni babanga omkhulu umonakalo. Yize inkulumo yakhe isike elijikayo kule nkinga kodwa yehluleke yancama ukuthi isho ukuthi kuzokwenziwani ukulungisa le nkinga?” kusho u-Abramjee.