KUBHEKWE ukuthi abameli babalisa abasolwa kwelokufa kuka AKA ababhajwe eSwatini, bakhombe indlela ngesicelo sokubabuyisa kuleli.
U-AKA owayengumrepha wadutshulwa wabulawa nomngani wakhe uTebello “Tibz” Matsoane, eThekwini ngonyaka odlule.
UMbuso uthi laba balisa basikelana amavenge emalini enguR 800 000 sebeqedile ukwenza umsebenzi wokujuqa umrepha nomngani wakhe.
U-AKA wakakiswa okwenyamazane wadutshulwa wabulawa encokola nomngani wakhe uTibz, ngaphandle kwendawo yokudlela iWish on Florida. Bavithizwa ngenhlamvu baphelela khona lapho ngaphandle kwendawo yokudlela eyagcina ivaliwe emuva kwesehlo.
Ukubulawa kwabo kwaqoshwa yikhamera kwasabalala ezinkundleni zokuxhumana kwashiya abantu bethuthumela. Amaphoyisa ngoFebhuwari nonyaka amemezele ukuboshwa kwabalisa abathinteka kulolu daba.
UMnuz Siyabonga Gezani Ndimande obuye abizwe ngoNxele noMnuz Malusi Dave Ndimande obizwa ngoMjay, baboshwa eZone 4, eMbabane eSwatini. Izinsizwa zakwaNdimande zatholwa zigobe amadlangala emqashweni kanti kukholakala ukuthi zazibalekela amaphoyisa akuleli.
Bayisikhombisa abalisa ababoshiwe abayamaniswa nokufa kuka-AKA nomngani wakhe. Abalisa abahlanu bahamba iNkantolo yeMantshi eThekwini kanti ababili basabhajwe eSwatini nokusazanywa ukubabuyisa.
Abalisa ababoshwe kuleli bayawaphika wonke amacala abathweswe wona kanti lokhu kuvele ngesikhathi becela ibheyili okuyinto engakaphothulwa.
Uhulumeni wakuleli ufake isicelo sokuthi abalisa bakwaNdimande babuyiswe kuleli bazobhekana namacala abafunelwa wona. Kulindeleke ukuthi udaba lubuyele namuhla eNkantolo yeMantshi kwaManzini lapho okuzodingidwa khona lolu daba.
Uhulumeni wakuleli wakuqinisekisa ukuthi usithumelile isicelo sokubuyiswa kwalaba balisa. Kulindeleke ukuthi uma udaba lungena ngoLwesibili abameli babo baphendule kwelokuthi bayasiphikisa yini isicelo sokubuyiswa kwabo noma cha.
Izimpendulo zabo yizona ezingase zikhombe indlela ngokubuyiswa kwabo. Ngaphandle kwecala lokufa kuka-AKA, amaphoyisa athi kukhona namanye amacala abathinteka kuwona laba balisa okufanele bathweswe wona uma befika kuleli.