UMNDENI wowayengumengameli wezwe kanye ne-ANC uMnuz Jacob Zuma, uthi uzomvikela ekuboshweni.
Kanjalo nalabo abamesekayo okubalwa kubo amalungu ophiko lomakadebona uMkhonto weSizwe Military Veterans (MKMVA), namalungu e-ANC azwelana noZuma azibiza ngeRadical Economic Transformation (RET) Forces, nabo sebethembise ukumlwela.
Lokhu kulandela ukuthi ikhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana, iveze ukuthi izonikela eNkantolo yoMthethosisekelo lapho izokwenza isicelo sokuba kuboshwe uZuma.
Isicelo sale khomishini eholwa yiJaji Raymond Zondo, silandela isinqumo sikaZuma sokungalubhadi ukuzophendula imibuzo phambi kwale khomishini izolo, yize kunesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo kanye namasamanisi ekhomishini obekumphoqa ukuthi avele phambi kwekhomishini.
Ngokwamasamanisa abekhishwe yikhomishini, uZuma bekufanele azophendula imibuzo kusukela izolo kuze kube uLwesihlanu.
Kepha izolo abameli bakaZuma babhalele ikhomishini beyazisa ukuthi uZuma ngeke avele phambi kwayo njengoba ephonsela inselelo isinqumo sokunqaba kukaZondo ukushenxa esikhundleni.
Emuva kokuthi uZuma engalubhadanga kwikhomishini lapho bekulindeleke ukuthi aphendule ngezinsolo ezenziwe ngaye ofakazi abangaphezu kuka-30 asebevele phambi kwayo, uZondo ube esememezela ukuthi ikhomishini izoya eNkantolo yoMthethosisekelo, lapho izofaka isicelo sokuthi uZuma aboshelwe icala lokuphula isinqumo sale nkantolo noma akhokhe inhlawulo.
Enza lesi simemezelo uZondo ukhwele wadilika kuZuma, wathi kuyishwa ukuthi umuntu oke wafungiswa njengomengameli izikhawu ezimbili, lapho enza khona isibophezelo sokuhlonipha uMthethosisekelo, uyena ophula umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.
Emuva kwalesi simemezelo, umndeni kaZuma uveze ukuthi uzomvikela emizameni yokumbopha.
“Kufanele baqale ngathi uma befuna ukumbopha,” kusho indodana kaZuma, uMnuz Edward Zuma.
Ebuzwa ukuthi bazokwenzanjani uma amaphoyisa efika ukuzobopha uZuma, u-Edward uthe bayokhiya amasango.
“Uma befika kukhiyiwe, abanawo amalungelo okugqekeza isango. Uma benza njalo kuyobe baphula umthetho. Lokho kuyongiphoqa ukuthi ngizivikele, ngiphinde ngivikele umuzi wakithi.”
Ngaphandle komuzi wakwaZuma, abeseka uZuma bebebhikisha, bezwakalisa ukumeseka.
Ababhikishi obekukhona kubo namalungu eMKMVA, bathembise ukumlwela uZuma.
IMKMVA ithumele amalungu ayo angaphezu kuka-200 ukuba ayoqapha isimo ngaphandle komuzi kaZuma, kanti namanye amalungu e-ANC aqhinqe ngaphandle komuzi kaZuma.
Labo abeseka uZuma eGoli, babambe isithangami nabezindaba lapho bezwakalise ukweseka uZuma.
UNobhala we-RET eGoli uMnuz Carl Niehaus, uthe bazomeseka kuze kube sekugcineni uZuma.
“UZuma ungomunye wethu, yingakho sizomeseka, siphinde simvikele.”
UNiehaus uxwayise ngokuthi kungaba nodungunyane uma uZuma engagcina eboshiwe.