Umndeni wakwaGcaba usukhiphe isitatimende lapho uthi ufuna iziphathimandla zinike ithuba ilungu lawo uMnuz Mfundo Gcaba ithuba lokuthi achaze ngemali okuthiwa wayifakela omunye wabasolwa ecaleni lokubulawa kuka-AKA.
Ecaleni lika-AKA, owadutshulwa ngoFebhuwari nyakenye, amaphoyisa abophe uLindokuhle Thabani Mkhwannazi, Lindani Zenzele Ndimande, Eddie Syanda Myeza, Mzwethemba Harvy Gwabeni noLindokuhle Mhlaliseni Ndimande.
Ngesonto eledlule ngesikhathi umbuso wenza izethulo zokuphikisana nesicelo sebheyili sabasolwa, uMshushisi onkhulu u-Adv Elvis Gcweka waveza ukuthi uGwabeni washayela uGcaba ucingo.
Uthe ngemuva kwalokho kwangena uR800 000 ebhange likaGwabeni.
Umndeni wakwaGcaba uthe kusuka kuvele igama likaMfundo kuningi ukuqagela kubantu ngokuthi leyo mali kwakungeyani.
Uthe uyayethemba ingalo yomthetho futhi uzobambisana nayo.
Uveze ukuthi uMfundo ngusomabhizinisi ophumelele onamabhizinisi ezimayini zamalahle namatekisi.
“Kubalulekile ukuveza ukuthi ukushintshana kwemali okwenzeka phakathi kwakhe noMnuz Gwabeni kwakuqondene namabhizinisi. Lokhu kushintshana osekwenzeke isikhathi eside kungaqinisekiswa ngobufakazi basebhange futhi akukusha,” kusho isitatimende.
Sithe umndeni ukhathazekile ngokuthi abomthetho abakamthinti uMfundo ukuzwa uhlangothi lwakhe lodaba. Uthe unxuswa ukuthi anikwe ithuba lokuthi bamuzwe.
“Kusemqoka ukuqonda ukuthi uMfundo uwuqinisekisile umndeni ukuthi akukho okumhlanganisa nezenzo zobugebengu futhi akanaso isizathu sokuzibandakanya nazo. Konke akuqhuba emabhizinisini kusemthethweni futhi akukho akufihlela umphakathi nomthetho.”
Umndeni uthe uyazwelana nomndeni ka-AKA kanjalo nokaTibz Motsoane naye owashona kulesi sigameko.