UCWANINGO lwakamuva lweStatsSA luveza ukuthi u-50% wabantu bakuleli uthembele ezibonelelweni zikahulumeni ukuze uphile.
Kuvela ukuthi imizi ethembele ezibonelelweni zikahulumeni isuke ku-12.8% ngo-2002 yaya ku-39.4% ngo-2023.
Umuzi nomuzi onomuntu oyedwa othola isibonelelo isibalo sakhona sisuke ku-30.8% ngo-2002 saya ku-50% ngo-2023.
Isibalo sinyuswe kakhulu yisibonelelo sikaR350 wabangasebenzi.
Kuzokhumbuleka ukuthi uhulumeni uveze ukuthi bawu-18 million abantu bakuleli abathola izibonelelo zikahulumeni.
Umphathi weStatsSA, uMnuz Risenga Maluleke, uthe bawu-9.8 million abantu bakuleli abane-medical aid, iningi labo ngabamhlophe njengoba benza u-71.7% wabantu bakuleli abane-medical aid.
Uveze ukuthi abaningi abahola izibonelelo zikahulumeni bagcwele e-Eastern Cape, kulandele iLimpopo nezinye izifundazwe.
Yize isibalo sabathola ugesi sinyuke saya ku-89.8% ngo-2023 kodwa kuvela ukuthi ikota yabantu bakuleli isabasa phansi ukuze ipheke, abanye basebenzisa igesi nopharafini.
UMnuz Mervyn Abrahams, wenhlangano eyenza ucwaningo ngokubiza kokudla nesimo senhlalo, iPietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group, uthe kuyiqiniso ukuthi abantu abaningi bathembele ezibonelelweni zikahulumeni kodwa kufanele zithi ukunyuka.
Uthe abantu badinga isibonelelo esizobasiza ukuthi beze nezindlela zabo zokuphila.
Uveze ukuthi kunocwaningo akade belwenza lapho bebenika intsha efunde kumaTVET College izibonelelo kanti le ntsha ikwazile ukuyofuna imisebenzi, enye yavula amabhizinisi amancane kanti enye isebenzise le mali ukulima amaveji ewadayisela umphakathi.
Ubalule ukuthi izibonelelo ziphelela ekudleni futhi nazo azanele ukuthengela abantu ukudla okunomsoco.
Ugqugquzele uhulumeni ukuba eze nesibonelelo esizolekelela abantu ukuthi bakwazi ukuziphilisa.