UHLANGOTHI lukaMntwana uSimakade, luthi luzolwa kuze kube sekugcineni ngodaba lwesihlalo sobukhosi okuhleli kuso iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Okhulumela abeseka uMntwana uSimakade, uMntwana uMandlakapheli Zulu, usho kanje ngesikhathi echaza ngombuthano wabo ozoba namuhla ngo-10 ekuseni eJewish Hall, eThekwini.
Kusabalale isaziso ngombuthano wabeseka uSimakade kodwa kungaqondakali ukuthi kuzobe kwenziwani khona. UMntwana uMandlakapheli uchaze kabanzi ngombuthano, inhloso wukudingida udaba lwesihlalo.
“Inhlosonqangi yomhlangano yilo udaba lwesihlalo ngoba akwenziwanga ubulungiswa ngalo. Kunodaba olusenkantolo njengoba abantu beqhubeka nezinto abazenzayo bebhozomela indlunkulu,’’ kusho uMntwana uMandlakapheli.
Uqhube wathi kukhona ukudideka kwabaningi abacabanga ukuthi kuzondwa iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
“Indlunkulu ayimzondi uMisuzulu kodwa izimpi zasendlunkulu abantu abazazi. USimakade akazibekanga ucelwe yindlunkulu ukuthi athathe izihlangu zikayise, ubenempilo yakhe abeqhubeka nayo kodwa kwadinga ukuthi alalele,’’ kuchaza uMntwana uMandlakapheli.
Ebuzwa ngokuthi uMntwana uSimakade uzofika yini, uthe ngenxa yezokuphepha ngeke bakwazi ukudalula lokhu. Wathi uMntwana uSimakade ubhekwe ngeso lokhozi ngoba umbango wesihlalo ubeka impilo yakhe engcupheni.
Okhulumela indlunkulu kaZulu, uMntwana uThulani kaGqikazi, uthe abayinaki nhlobo indaba yemihlangano yohlangothi lukaMntwana uSimakade.
“Asiboni ukuthi kufanele siphawule ngemihlangano yabo ngoba abasixoxeli nangayo nje. Yinto engasihluphi nhlobo nje leyo,’’ kusho uMntwana uThulani.
Kwenzeka konke lokhu nje, kusanda kuba nendumezulu yomcimbi wokunikeza iSilo uMisuzulu kaZwelithini, isitifiketi sikahulumeni esiqinisekisa ubukhosi ngomothetho, eThekwini. Umcimbi ubuthanyelwe yizinkumbi zabantu kukhona nezicukuthwane ezehlukene.