BADONSWE ngendlebe ngotalatiya abangazithola bebhekene nalo abahweba ngotshwala abangaphansi kwenhlangano iSisonke Liqour Traders uma bebalekela ukukhokha intela.
Lesi sexwayiso basithole izolo ngesikhathi behlanganyele ndawonye emcimbini omkhulu wabahwebi wokuvula unyaka, obulumbaniswe nokucotshelelwa kwabo ngolwazi olwahlukene.
Umcimbi ubuseCinema, eMlaza futhi nabahwebi bebephume ngobuningi babo beze kulo mcimbi okuhlalukile ukuthi ubakhona minyaka yonke njalo ngalesi sikhathi sonyaka.
UMnuz Lungani Zuma wenkampani ezimele i-NZ Zuma Accounting Services ubengesinye sezikhulumi ezinohlonze ezikhulume nabahwebi ngalolu suku. Umongo wenkulumo yakhe ubumayelana nabahwebi ababalekela ukukhokha intela, lokhu uthe kuyinkiyankiya enkulu abahwebi abazifaka kuyona.
Uthe ingwadla ngalokhu ukuthi uma lowo mhwebi esebanjiwe ukuthi yonke le minyaka ubebalekela ukukhokha intela kuyomele ayikhokhe leyo mali seyiphindeke kabili noma kathathu okuyisimo athe ngesingesihle nje nhlobo umhwebi angazithola esebhekene naso.
"Ngiyacela bafowethu enihweba ngotshwala ukuthi kukhona konke enikwenzayo ningalenzi iphutha lokuthi nibalekele ukukhokha intela. Uma nenze kanjalo nisuke nizifaka enkingeni ephindekile kunale obucabanga ukuthi ukuyona,''usho kanjena.
Uthe ngokujwayelekile udaba lukasomabhizinisi obalekela ukukhokha intela luye lugcine selungenwa yiTax Understatement Committe athe bona basuke bengasakhulumi okuningi kodwa sebefuna ukuthi nje ikhokhwe seyiphindiwe leyo mali ebikweletwa.
''Okubuhlungu ukuthi uma wena mhwebi ubalekela ukhokha intela udaba lwakho lugcina seluphenduka inkinga egcina iba ngeyomndeni wakho wonke,'' usho kanjena.
USihlalo wale nhlangano uMnuz Brush Mncadi ukhulume ngokubaluleka kokuba zonke izinto zenziwe ngendlela efanele kubahwebi. Uthe abahwebi kumele kube ngabantu abenza izinto ngendlela eqondile futhi enokuthembeka. Uthe sesaphela isikhathi sakudala lapho kwakwenziwa noma yikanjani kulolu hlobo lwebhizinisi. Udalule ukuthi ngo-Agasti le nhlangano izokhetha ubuholi bayo obusha. Wathi uma sekukhethwa ubuholi obusha ufisa ukubona kuba khona nabantu abasha kuyona ukuze kube khona izinto ezizokwenzeka ngokushesha.
Udalule nokuthi bahlela ukuthi babe nembizo yokudingida kabanzi ngezinkinga zotshwala iLiquor Indaba.
UMnuz Michael Khumalo ongumhwebi uthe izindaba eziphathelene nentela ngezinye zezinto abafundiswa ngazo uma bengena nje ebhizinisini lotshwala. Zibe ziningi ezinye izikhulumi ezibe khona ngalolu suku ebezikhuluma ngezihloko ezahlukene.