INHLANGANO, Abahlali baseMjondolo, imemezele ukuthi ithathe isinqumo sokuthi iliboleke i-EFF ivoti layo njengoba kubhekwe okhethweni ngoMeyi 29.
Isimemezelo senziwe uMengameli wale nhlangano yabantu abahlala emijondolo, uMnuz S’bu Zikode, ngeSonto.
Ubekade esenkundleni yezemidlalo eNkanini, eMayville, eThekwini, abantu bephume ngothi lwabo embuthanweni wabo waminyaka yonke owaziwa ngokuthi i-UnFreedom Day.
“Siyiboleka ivoti i-EFF. Abantu okumele bakwazi ukuthi asiyiyona i-EFF futhi asiyijoyini. Uma kudlula ukhetho sobona ukuthi i-EFF ibeka luphi uhlelo lokuhlangabezana nezimfuno zabahlali,” kusho uZikode.
Uthe i-EFF izibophezelile odabeni lokubuyiswa komhlaba, kwezomnotho nakwezithinta izwe iPalestine.
Uqhube wathi i-EFF iphinde yazibophezela ekuhlangabezaneni nezimfuno zabahlali ezingu-20.
UZikode udalule ukuthi ukuvotela kwabo i-EFF akusho ukuthi sebeyiyona nokuthi bazovumelana nayo kuyo yonke into eyishoyo.
“Sizoqhubeka nokuthi sibe inhlangano yabantu abahlala emijondolo ezimele yize sizoyeseka ngevoti i-EFF njengoba kubhekwe okhethweni. Umbandela wokubaboleka ivoti ingoba bakwazile ukuphendula kahle bazibophezela,” kusho uZikode.
Uthe emhlanganweni wabo bonke abangamalungu abahlali odlule, beyikade ibiziwe namanye amaqembu ezepolitiki lapho abahlali babekade bebeka khona abakufunayo.
Uqhube wathi i-EFF ikhombisile ukuvuthwa nokuba nomlando obambekayo.
“Namhlanje (esho izolo) besikade sizomemezela nje kodwa isinqumo sathathwa kwiGeneral Assemble yaBahlali eyayingo-Ephreli 7. Isinqumo silandela nochungechunge lwemihlangano ebikade iba semiphakathini yabahlali, akusona nje isinqumo esivele sathathwa abaholi,” kusho uZikode.
Uveze ukuthi emuva kwaleyo mihlangano abaholi baBahlali babamba imihlangano ngoMashi 22 kuya kuMashi 24, kudingidwa okwakushiwo abantu.
Engxoxweni abe nayo neSolezwe maphakathi nesonto eledlule, uZikode uthe sekuyisikhathi sokuthi i-ANC iphunyuzwe ngoba ihlulekile ukubatakula ebubheni abacwile kubona abahlali.
Waveza nokuthi Abahlali sebeyayisaba i-ANC esiphathe izintambo zombuso iminyaka engu-30.