Abafundi baseGratton High, babuye nendondo emncintiswaneni ohlelwa ngabakwa-Eskom ne-Education With Enterprise Trust (EWIT) eGoli. Abaphume isibili ezikoleni ezintathu ebezingenele KwaZulu-Natal, bebeyokwethula iSnempilo Jam, okuwujamu abazenzele wona.
Lesi sikole besimelwe wuMinenhle Morris noNoxolo Mthethwa abafunda uGrade 11, abenza iBusiness Studies. Uthisha wabo obebaphelezele, uNksz Busi Dlamini, ofundisa zona lezi zifundo, uthe bavele banenhlangano abazisungulele yona esikoleni, enabafundi abangu-16.
Inhlangano yabo yakhetha iKing Dinuzulu Pre-School, ukulekelela izingane zakhona ngezidingo.
“Isu lokwenza ujamu laqala ngokuthi abafundi bami bebevakashela le nkulisa abayisizayo, bebheka nomphako wezingane. Bathole ukuthi izingane eziningi ziphatha umphako ongenayo impilo ngenxa yokuthi abazali kabanayo imali. Izingane eziningi ziphatha ujamu, ongalungile ngenxa yoshukela omningi,” kuchaza uNksz Dlamini.
Uthe baqale ukungenela umncintiswano ekuqaleni konyaka, baphuma isibili ezikoleni zesifundazwe. Emncintiswaneni bekudingeka bakhombise amakhono amabhizinisi ngokuthi benze umkhiqizo ongavula amathuba kulo mkhakha, udale namathuba omsebenzi. UNksz Dlamini uthe bakhethe ukwenza lo jamu abawuxube nenhlaba ne-cucumber. Okwenza uhluke ukuthi wenziwe ngezithako zemvelo futhi kawunawo ushukela omningi.
Uthe abafundi yibona abaqhamuke nombono kodwa basizwa ngabanye abantu ngaphandle kwesikole njengoba bekudingeka nolwazi lwezolimo.
UNksz Dlamini uthe isikole sakhiwe eduze kwezindlu zomxhaso lapho kunomphakathi oswele.
“Asifuni ukuthi sigcine ngokuwina kulo mncintiswano. Isifiso esikhulu wukuthola uxhaso ukuze sibe nefemu yokukhiqiza ujamu wethu, kudaleke namathuba omsebezi emphakathini,” kuchaza uNksz Dlamini.
Mayelana nomsebenzi owenziwa ngabafundi abazisungulele inhlangano esikoleni, uthe kule nkulisa abayikhethile bavakashela izingane bazisize ngomsebezi wesikole. Babuye bazenzele amasemishi anempillo, bazihambisele.
Umncintiswano uqale ngoDisemba 3 eGoli, abafundi babuya ngoLwesine olwedlule. UNksz Dlamini uncome ukuzikhandla nobuhlakani kubafundi bakhe, athe bakhombisa nogqozi lokuba ngosomabhizinisi.