UCWANINGO lwenkampani ebolekisa ngemali, iWonga, luveza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika sebenciphise imali yokuthenga igilosa ukuze bakwazi ukukhokhela i-medical aid, umshwalense nezokuphepha emizini yabo njengoba izinga lempilo liqombola.
Ucwaningo lwenziwe kubantu abawu-4 500 abaneminyaka engaphezu kuka-18.
Kuvele ukuthi bayahluleka ukukhokhela ama-credit card nezinye izikweletu. Lokhu kusho ukuthi abakwazi ukonga imali nokongela umhlalaphansi.
UMnuz James Williams oyinhloko yezokukhangisa eWonga, uthe inhloso yocwaningo lwabo wukuthola ukuthi abantu baphila kanjani njengoba impilo ibiza.
“Njengoba impilo ibiza, abantu abasenayo imali yokwenza izidingo zabo. Bayaphoqeleka ukuthi babophe izifociya,” kusho uWilliams.
Abantu okukhulunywe nabo kulolu cwaningo u-41% wabantu bahola phakathi kuka-R10 000 no-R25 000 ngenyanga.
Kuthiwa bathwele kanzima njengoba besebenzisa u-80% womholo wabo ukukhokhela imizi noma irenti kanti abahola kangconywana basebenzisa u-24% womholo wabo ukwenza lezi zinto.
Kuvela ukuthi abahola uR2 500 bona bachitha imali yabo ekuthengeni ukudla nasekuqinisekiseni ukuthi banendawo yokuhlala.
Abantu baseNingizimu Afrika abaningi bafuna ukuqinisekisa ukuthi banophahla, bayadla, baphile kahle futhi baya ezikoleni ezikahle.
Imali eningi iya ekukhokheleni izindlu (24%), i-medical aid (13%), ukudla/igilosa (11%) nasemalini yesikole (10%).
UWilliams uthe bancane kakhulu abantu abakwazi ukuya ezibhedlela ezizimele ngoba abaningi kabanayo imali.
Kubantu okwenziwe kubona ucwaningo wu-16% kuphela othe ukwazi ukukhokhela i-medical aid futhi bayakhala ngokuthi iyabiza.
Okukhathazayo wukuthi abantu bakhale ngokuthi amabhondi nerenti adla imali yabo eningi.
UWilliams uthe labo abakhokhela ama-credit cards nezinye izikweletu bathole ukuthi inzalo inyuke ngo-51%, ikakhulukazi kulabo abahola uR2 500.
“Lokhu kusho ukuthi abantu bacwile ezikweletini futhi bayaphoqeleka ukuboleka imali komashonisa nabanye ababolekisi ngemali abangabhalisiwe ngokusemthethweni,” kuchaza uWilliams.
U-84% wabaphendulile uthe imali eningi uyichitha ekuthengeni ukudla, u-54% uthe uyichitha ukukhokhela ugesi kanti uphethroli uthatha u-33% wamaholo.
“Ukuntenga kwamandla emali kunomthelela omubi njengoba kwenza ukudla kubize, uphethroli onyuka umlibe nogesi obizayo nawo wenza impilo ibize,”kusho uWilliams.
Kwabaphendulile ocwaningweni bathe abasathengi izimpahla ezibizayo, abasakwazi ukuzikhipha nokuzijabulisa okuyisibalo esiwu-32%.
Bathe baphoqelekile ukunciphisa igilosa abayithenga nyanga zonke nokubopha izifociya.
Kuvele ukuthi u-60% wabaphendulile unezingane ezineminyaka engaphansi kuka-21, okufanele bazondle ngo-R971 ngenyanga bengakabali imali yesikole.
UWilliams uthe u-10% wabantu abaphendule imibuzo bayaphoqeleka ukuboleka imali ukuze baphile njengoba izindleko zidlula amaholo.
Bathe basebenzisa u-90% noma umholo wabo wonke ukuze baphile.
U-55% wabantu abaphendulile uthe awukwazi ukonga ikakhulukazi labo abahola kancane.
U-59% wabaphendulile uthe awukwazi ukonga imali yomhlalaphansi njengoba abanye bonga u-R1 206 abahola kangcono.
Okuthusayo wukuthi abaneminyaka ewu-56 kuya ku-64 abanayo imali abayibekele umhlalaphansi.