UMA kukhulunywa ngocansi ngesinye sezihloko ezilumelayo kubazali abamnyama kodwa i-video yakamuva eveza omunye wosaziwayo egxila kwezocansi nabazali bakhe, ithakaselwe ngabaningi. UDineo Ranaka osanda kuba sematheni ngokuba nokhwantalala uvuke ngohlelo lwezobuchwephe besimanje iDineo On S*X n Stuff olugxile kwezocansi.
Abazali bakhe, uNkk Nonceba noMnuz Kgotlaesele Ranaka babonakale naye kwenye yezindawo zezinto ezahlukene zokuzithokozisa ngocansi, iFetish Haven eGoli befunda ngazo, baphinde bevuleleke ngothando lwabo.
Lokhu abazali bakhe bebekwenza njengengxenye yohlelo lwendodakazi yabo lapho bebevuleleka khona ngezenkonzo yasekamelweni.
Uma umzali eseka ingane yakhe kuyinto ethathwa njengomsebenzi wakhe kodwa uDineo lokhu ukuthatha njengenye yezinto eziyisibusiso empilweni yakhe.
"Enye impumelelo (wukuthi) ngiyabathanda abazali bami. Ngibusisiwe," kusho uDineo.
Abantu kubahlabe umxhwele okwenziwe ngabazali bakhe nokuvuleleka kwabo ngothando lwabo, kwazise baqala ukuthandana uyise eno-35 unina eno-19, ngokusho kwabo kulesi siqephu.
"Into engiyithanda ngomndeni wakho wukuthi selokhu nasekana kusukela uphumela obala ngokuba nengcindezi yengqondo. Ngangazi ukuthi uzonqoba. Simi nawe," kusho uNelisiwe.
"Ngiyafisa ukuthola lokhu kwesekwa okuthola emndenini wakho," kusho uTshidipie.
Ukuvuleleka kwabazali bakhe ngeminyaka abashiyana ngayo kunikeze nomakoti abancane ithuba lokuvuleleka ngeyabo iminyaka nabayeni babo.
Akugcinanga lapho kukhona nabakhuluma ngabazali babo abashiyana nangeminyaka engaphezulu kwa-20 nangaphezulu. Umndeni kaDineo lokhu kwesekana akukhona okokuqala njengoba bebekhombisa nasohlelweni lwabo lwethelevishini iThe Raanakas.
IDineo On S*X n Stuff iyatholakala neziqephu eziphelele kwiYoutube nalapho ekhuluma khona nabantu abahlukene, okubawa nosaziwayo abahlukene.