UNGOTI kwezamasiko nongumculi oqhakambisa okwesintu, udalule ukuthi uke wazama ukuzibulala kwaze kwaba kathathu, ngesikhathi ebanjwe wukhwantalala okudonse iminyaka engaphezu kuka-20.
Ngokusho kukaMbuso Khoza, ngaleso sikhathi, ziningi izangoma ezabhula zamtshela ukuthi kumele athwase kodwa ekugcineni wathola ukuthi akanabizo, uzibanjelwe yizifo ezihambisana nengqondo.
Kungalesi sizathu exwayisa abantu asebekuphendule isitayela ukuthwasa, abanye bathwasiswa ngoba benezimpawu eziphanjaniswa nokhwantalala.
"’Zisuke zifane nse, izimpawu zezinkinga zengqondo nalezo eziyizinkomba zokuthi umuntu kumele athwase. Lokhu kuseyinkinga enkulu kwindlu emnyama, ukukwehlukanisa,“ kusho uKhoza.
Uthe wabhulelwa, watshelwa ukuthi njengoba ehlale enomoya esiswini, kusho ukuthi unenyoka ngaphakathi ngakho kumele athwase. Kwabalwa nezinye izimpaw, zakhonjwa ebungomeni.
UKhoza ukholwa ukuthi uma abantu abamnyama bengalandela isiko kodwa bangakhohlwa nokuthola imibono yodokotela, izinto zingahamba kahle. Uthe ukuthwasa ngezinye zezinto ezihloniphekile neziya ngokuphelelwa yisithunzi ngenxa yokuswela ulwazi kwabantu.
" Iningi labantu liyathwasa bese lehluleka ukusiza abantu, lehluleke nawukwelapha. Imbangela yakho ukuthi bathwasa kungafanele bese kwandisa ukhwantalala, umuntu agcine esephila kanzima abe nolaka kuvikwe ngokuthi wangenwa yidlozi elinolaka," kuchaza uKhoza.
Uthi kubalulekile ukuthi abantu abanokhwantalala bavume ukuthi banalo ukuze bathole usizo. Ezinye zezinto athi ziyamsebenzela, ukuthi zonke izinsuku abheke ukuthi usuku lwakhe luhambe kanjani, abheke okumbangele izinkinga, ukuze akulungise.
Ungoti kwezengqondo, uMnuz Ndabe Myeza wasePinetown, uveza ukuthi isizukulwane samanje sibhekene nengcindezi ngokwengqondo. Lokhu uMyeza uthi, kungaholela ekutheni umuntu agcine eselandela zonke izinkolelo ngenxa yokuba buthaka emoyeni, enyameni nasengqondweni. "Kuqala ngokuthi ngobani abantu abadala okusuke kukhulunywa ngabo, nokuthi uthwasa uma kwenzenjani? Nginxusa ukuthi umuntu aqale ngokubonana nongoti, afike amvulele sonke isifuba sakhe ukuze abheke izinga lengcindezi asuke ebhekene nayo. Ubungozi ngokulandela into ekungeyona wukuthi ikwenza ube buthakathaka ngokwedlulele, yingakho abanye bagcine beba nesifo iBipolar," kweluleka uMyeza.
Ngaphandle kwakhe, bakhona nabanye osaziwayo besilisa abazithola bebhekene nengcindezi kodwa kube nzima ukuphumela obala.
Ezinye zezimpawu okumele uziqaphele nezingakhomba ukuthi unengcindezi
Ukukhathala
-Umzimba uhlala usinda kungavumi ngisho uvuke embhedeni noma uye emsebenzini.
Ukuncipha noma ukukhuluphala emzimbeni
-Indlela odla ngayo iyashintsha uzithole kungasangeni nokudla ngoba uhlale ucabanga, uma kungenjalo udla ngokweqile injabulo yakho ihlala incike ekudleni.
Ulaka
-Ucikeka kalula ungafuni muntu eduze kwakho ngisho izingane ekhaya zidlala ziyakudina ufise ukuqhelelana nazo.
Ukusheshe uzwele
-Uma abantu bekhuluma ngesimo esifana nse nobhekene naso ubona sengathi babhekise kuwe ngqo. Uyashesha nokukhala uma ukhuluma nabantu ekhaya, emsebenzini ngisho nasebudlelwaneni bezothando.
Ukukhathazeka emoyeni
-Noma ngabe kuyajatshulwa noma wehlelwe okuhle awubi nayo imizwa yokujabula uvele udangale ubukeke ukhathazekile.
Amaphupho
– Ebusuku noma kungalaleki kahle kodwa uma uke wazumeka ufikelwa amaphupho amabi, amanye akukhumbuza izinto ezimbi ezenzeka useyingane.