UZIZWA ethobekile oyisikhulu sokuqala sesifazane esimnyama eFirst Rand Limited, uNkk Mary Vilakazi (44).
Le ntokazi yase-Alexandra, eGauteng, iqophe umlando iba yisikhulu esiphezulu sokuqala sesifazane eFirst Rand njengoba ingene esikhaleni sikaMnuz Alan Pullinger othathe umhlalaphansi.
UNkk Vilakazi uzichaze njengentokazi eyayisebenza ngokuzikhandla esikoleni ukuze iphumelele futhi isebenzisa amathuba ewanikwayo.
Wafunda e-Carter Primary, wadlulela e-East Bank High okuyizikole zase-Alexandra, eGoli, wagcina eSt Anders College ephakathi edolobeni eGoli.
Uchaze iSt Anders njengesikole esasungulwa ngowesifazane wase-Ireland owayefuna ukunikeza abantu imfundo esezingeni eliphezulu.
Uthe wajabula ukuzwa ukuthi ibhodi laseFirst Rand likhethe yena ukuba ahole le nhlangano eno-R350 billion.
“Kuyangijabulisa ukuthi kukhona abangibone ngifanelwe wukuphatha inkampani enkulu futhi eyenza inzuzo emkhakheni wezezimali e-Afrika,” kusho uMary.
Ekhuluma neBiz News, uNkk Vilakazi uveze ukuthi kunezingane ezazikhaliphile ukudlula yena kodwa umehluko wukuthi yena wathola ithuba lokuqhuba izifundo zakhe esikhungweni semfundo ephakeme.
Wathola ithuba lokuba sohlelweni lweGifted Child waze wathola umfundaze wasePWC, wayofunda eNyuvesi yaseWitwatersrand ngo-1998, wathola iziqu zokuba yi-chartered accountant.
Uye wasebenza ePWC, wadlulela eMineral Services Group lapho wayeyi-Chief Financial Officer, kanti usesebenze emabhodini ahlukene okubalwa elaseMetropolitan.
Banezingane zamantombazane ezintathu nomyeni wakhe uSolwazi Zeblon Vikalazi.
Uthe abakhulumi ngezindaba zomsebenzi ekhaya ngoba basuke benesikhathi samadodakazi abo ano-10,11 no-19.
Ubalule ukuthi unina uyameseka kakhulu kukho konke akwenzayo.
Uthe uyayithanda iNingizimu Afrika futhi kuyilungelo labo beyinkampani ukubongela uhulumeni uma enza kahle nokukhuza lapho kufanele kukhalinywe khona.
Kwabafisa ukulandela ezinyathelweni zakhe, uthe kufanele bafundele into abayithandayo, basebenzise amathuba abawanikwayo, bathole namanye amakhono azobasiza ukukhula.
Wenze isibonelo sokuthi uqale ecwaninga amabhuku, wathola ithuba lokusebenza ngomshwalense njengoba esemkhakheni wamabhange manje.
Ubalule ukuthi ukwenza kahle uma unikwa ithuba kukuvulela amanye amathuba futhi kufanele bakhethe kahle izithandwa zabo.
“Kubalulekile ukukhetha kahle isithandwa sakho ngoba uma zikunetha emsebenzini yisona esisuke siseduze kwakho, sikududuza. Kufanele ubakhethe kahle nabaqashi ngoba akekho umuntu ophumelela yedwa kodwa udinga abantu abazomfukula,” kuphela uNkk Vilakazi.