Phambilini uma kukhulunywa ngokuzila ukudla noma ukudla ngezikhathi ezithile zosuku, okubizwa nge- intermittent fasting, bekuhambisana nokukhuleka. Kodwa muva nje abafuna ukwehlisa isisindo ngokushesha basebenzisa le ndlela ukuze behle ngokushesha.
Ezinkundleni zokuxhumana baningi obezwa bekhuluma ngokuthi balandela lolu hlelo ukuze behlise isisindo. Ukuba sematheni kwale ndlela kukwenza ukuthi uzibuze ukuthi ngabe yindlela entsha yini le.
Ungoti wezokudla omsunguli weNewtricion Wellness Dieticians, uNkk Omy Naidoo, uthe le ndlela yokulawula indlela odla ngayo sekunamashumi eminyaka yenziwa ngabezenkolo beyibiza ngokuzila wukudla noma ukubamba ibande.
Uthe isisetshenziswa ngabantu abangayihlanganisi nokuthi bazobe bekhuleka ngaleso sikhathi, bayisebenzisela ukuthi behlise isisindo ngokushesha.
Uthe ezinye izinhlelo zenkolo zizila ukudla ngoJanuwari, zikhulekela izimo ezithile, okuholele ekutheni abanye abantu babone indlela abazile ukudla behla ngayo ngokushesha emzimbeni.
Ngaphandle kokwehlisa isisindo, abanye le ndlela bayisebenzisela izizathu zempilo ukuze baphile kahle isikhathi eside ngoba odokotela bathi kugcina izitho zomzimba zisebenza kahle isikhathi eside, futhi kuyasiza ekuvikeleni ukuhlaselwa yisifo sikashukela esidalwa yindlela abantu abadla ngayo, isifo senhliziyo nezinye izifo ezihlasela abantu asebekhulile, okuhlanganisa ukuvuvukala nemidlavuza ethile.
Iyini intermittent fasting
Iyindlela yokudla oyilandelayo ehlanganisa ukuthi ungadli ngesikhathi esithile sosuku, noma ukungadli izinhlobo ezithile zokudla ngesikhathi sithile sosuku.
Le ndlela ithandwa ngabantu abafuna ukwehlisa isisindo ngaphandle kokuthi babe nokudla okuthile abathi abakudli ngesikhathi bekulolu hlelo.
Ziningi izindlela abazisebenzisayo zokuthi bangadli ngezikhathi ezithile, evamile eyokuthi umuntu emahoreni angu-24 adle kwayisishiyagalombili kwangu-16 angadli, enye ethandawayo eyokungadli amahora angu-24 ngosuku olulandelayo udle, enye eyokuthi ungadli uma sekuphume ilanga uma selishonile.
“ Leyo ndlela ithandwa ngabantu bezenkolo bayenza ngezinsuku ezithile ezihambisana nenkolo yabo. Kubo ukuzila ukudla kuhambisana nokuthandaza,” kusho uNkk Naidoo.
Uthe into ebalulekile kakhulu uma ulandela noma yiluphi uhlelo kulezi ezingenhla ukuthi uphuze amanzi noma uketshezi olungenawo ushukela, ukuze umzimba ungashodelwa ngamanzi. Oketshezini oluphuzayo kungaba ngamanzi, itiye, amanzi afudumele uma uthanda ungaconsisela nolamula kancane.
Njengazo zonke izinto zokwehlisa umzimba, nayo le ndlela inengozi futhi kukhona abantu engabalungele.
Wobani engabalungele nobungozi ongabuthola ngokulandela le ndlela
Ongoti bezempilo bathi abesifazane abazithwele neziguli ezinesifo sikashukela akumele balandele le ndlela ngoba kudingeka ukuthi bahlale bedla njalo nje.
"Akuwona wonke umuntu ongakwazi ukungadli amahora ngu-16 njalo ngosuku, bese engabi nazo izinkinga. Kwabanye kuyingozi ukwenza lokhu. Uma uzoqala lolu hlelo kumele ubonane nongoti wezokudla akweluleke ngaphambi kokuthi uluqale.
Uma ungene kulolu hlelo ngenhloso yokuthi umzimba wakho ube nempilo ungalokothi udle izicoficofi nokudla okungenampilo ngesikhathi ukulo," kusho uDkt Naidoo.
Izinkinga ongaba nazo uma ulandela lolu hlelo wukusongeleka, ukuzizwa unesiyezi, ukuphathwa yikhanda, ukuphalaza kwesinye isikhathi ukwehla kwesisindo ngendlela obungayilindele.
Aluluningi ucwaningo oseluke lwenziwa oluhlola ukuthi ukuzila ukudla ngezikhathi ezithile kuyasebenzi yini. Ucwaningo olushicilelwe embhalweni wezempilo iJama Journal ngo-2017, olwenziwe ngezingxenye ezimbili zabantu abakhuluphele ngokweqile abangu-100 abebezila ukudla izikhathi ezithile ngosuku izinyanga ezingu-12.
Enye ingxenye beyidla ukudla okungenawo ama-calouries esikhathini esifanayo. Womabili la maqembu ngemuva kwezinyanga ezingu-12 isisindo sawo besehlile.