UKWANDA kwemicimbi ehlelwe yaba nendikimba thizeni, ukuxinwa yimisebenzi kubantu nokuthanda ukudla ngendlela efanele okuwukugxila ekudleni okunempilo, sekwenze sanda isibalo sabantu abakhetha ukuqasha abapheki abazimele kuleli.
Emazweni aphesheya baningi abantu abasebenzisa abapheki abazimele emakhaya abo. Kuleli yize sekunesikhathi baba khona abapheki abazimele kodwa bebengabaningi abantu abakhetha ukuba nabantu ababaqashela ukuthi bazobaphekela ikakhulukazi abantu abamnyama.
Bekujwayele ukuthi kube yizivakashi. Muva nje izinto sezishintshile ngoba sebebaningi abantu abakhetha ukuqasha abapheki abazimele ngezizathu ezahlukene.
UChef Zandi Makhoba uthe isimo sishintshe kakhulu uma ubheka eminyakeni eyishumi edlule.
"Ukwanda kwezinkampani ezisebenzisa abapheki abaseduze namakhasimende asebenzisa imikhiqizo yazo, kungesinye sezizathu esiholele ekutheni izinkampani ziqashe abapheki abazimele abakhangisa imikhiqizo yazo. Ngike ngasebenza kwa-Koo ngikhangisa imikhiqizo yabo.
“Abanye abantu abathanda ukuqasha abapheki abazimele yizivakashi eziphuma kwamanye amazwe. Abantu abaqaphela kakhulu ukuthi badla ukudla okungenazo izithako ezithile okungaba abangakudli ukudla okune-gluten, ama-vegan, abafuna ukudla okuHalaal nokudla okuhambisana nenkolo yabo,“ kusho uChef Zandi.
Uqhube wathi osomabhizinisi, osaziwayo nosopolitiki bangabanye babantu abangasakuthokozeli ukuya ezindaweni zokudla ngoba bebalekela ukuthi kulezi zindawo kuyenzeka bashuthwe izithombe, ziphanyekwe ezinkundleni zezokuxhumana.
Uthe isibalo sabantu abafuna ukuphekelwa senyuke kakhulu ngesikhathi seCovid-19 ngoba abantu abaningi bafunde ukupheka izinhlobonhlobo zokudla emakilasini ka-online. Lokhu kuvulele amathuba nakubantu abangabapheki abangebona ochef ithuba lomsebenzi.
"Ukuba wumpheki ozimele akuhambisani nobucwebecwebe njengoba abantu becabanga, kwesinye isikhathi umpheki ozimele ucishe afane nomuntu ogada izingane ngoba uyena owenzela izingane ukudla.
“Uma ikhasimende likuqashele ukuthi uphekele izivakashi, uma zifika ngemuva kwesikhathi nawe kumele uhlale nazo. Isikhathi asibalulekile kakhulu, okubalulekile wukugculisa ikhasimende.
“Ngokuvamile wenza ukudla okuningi ukuze zonke izivakashi zekhasimende lakho zizizwe zibalulekile. Okuhle ngakho wukuthi ukuba wumpheki ozimele, kukhokhela kangcono," kusho Chef Zandi.
UChef Pam Khumalo, oChef abazimele bayakwazi ukuhlobanisa ukudla ngendlela ikhasimende elithanda ngayo kanti ezindaweni zokudlela kunemenu emile engashintshi.
"Uma unompheki ozimele ekhaya asikho isidingo sokubhukha, utshela umpheki ukuthi ufuna ukudla okunjani bese ekwenzela imenu ehambisana nesidingo sakho,“ kusho uChef Pam.
UChef Hloni Sigwaza uthi abantu abaqasha abapheki abazimele ngokuvamile ngosomabhizinisi abadla izambane likapondo abangenaso isikhathi sokubhekana namabhodwe, bahlale befuna ukwenza imali.
Isikhathi esincane abasitholayo uthe esokuthi babe nemindeni yabo nabangani hhayi ukubhekana namabhodwe.
Uqhubeke ngokuthi ukuba umpheki ozimele kuyibhizinisi futhi kunezinselelo njengawo wonke amabhizinisi.
Ngaphezu kwalokho uthi kudingeka ukuthi ube ngumuntu onolwazi olunzulu ngoba kuyenzeka isibalo sabantu obalindele sibe ngaphezulu kwaleso obusitshelwe yikhasimende.